... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yintoni Ngqo UNkulunkulu Ayifuna Kuwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amose 5:21-24 ”Ngiyayizonda ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu .Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu angiyenameli futhi angibheki iminikelo yenu futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo .Susa kimi imisindo yezihlabelelo zakho ,angiyikuzwa imvunge yezigubhu zakho .Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi ,nokulunga njengomfula onganqamukiyo .

Njengakho konke ,ubuKhrestu bungagcina buphenduka ibhizinisi eligaya imali ngokunamandla .Cabanga ngoba ukunotha kwamanye amabandla kuyamangaza kakhulu .Futhi kulula kubantu abaseba uNkulunkulu njengami nawe ukuthi sizithole sesigwinywe yikho konke lokho .

Manje lokho akuzwakali kuhlaba na ? Phela liqiniso elimsulwa lelo mawuzungeza umhlaba uyabona ukuthi amabandla amaningi ahleli  kwizigidigidi zamarandi kumbe zama dollar ,ubuke izakhiwo imihlaba anawo yizinto eziphathekayo kuyamangalisa . Futhi nebala ngithola inqwaba yezikhangizo kwi social media yalezingqungquthela ,lomsebenzi kaNkulunkulu ,yilo nalo ,kokunye kuthiwe izwi lobuphrofethi …njll.

Nebala iBandla liyazidinga izinto eziphathekayo ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Yebo nebala kumele kube nemihlangano umhlaba wonke ukuzofunda iZwi likaNkulunkulu  nokuzomkhonza. Kodwa kulula ukuzithola sewungene shi emshinini wokwenza imali wobuKhrestu ugcine sewukhohlwa ngumongo wevangeli likaKhrestu .

Manje pho yikuphi akufunayo ? Nakhu la kukhona  :

Amose 5:21-24 ”Ngiyayizonda ngiyayidelela imikhosi yenu,angenameli imihlangano yenu .Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa  kanye neminikelo yenu yempuphu angiyenameli futhi angibheki iminikelo yenu  futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo .Susa kimi imisindo yezihlabelelo zakho ,angiyikuzwa imvunge yezigubhu zakho .Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi ,nokulunga njengomfula onganqamukiyo .

Akuyona into enzima ukuyicabanga .Khonza uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni yakho ,ngakho konke lokhu oyikho .Phila ukholo lwakho ngothando  ngokuba nokwahlulela okunobulungiswa  kunye nokulunga .Futhi ungazitholi sewugaxele kuyo wonke amawungawunge akhona kubuKhrestu  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.