... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ububi Obungaphakathi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 2:20 Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Listen to the radio broadcast of

Ububi Obungaphakathi


Download audio file

Kunobubi obuningi emhlabeni .Impakamo ,ubuqongqela ,isihluku ,ukuhlukumeza …ukuhlukana kwemindeni ,izizwe ezisempini ,abampofu nabanganakiwe baningi .Yebo kuningi emnyango .

Kodwa manje sithini ngobubi obungapahakathi ezinhliziyweni zethu .Mhlawumbe uyacabanga , “Yima kancane angimubi mina” Kodwa akekho noyedwa kithi o-perfect .Sonke sidlala nobubi .Njengokuba omunye umbhali wase Russia  ebhala ethi :

Mangase kuthiwe kunabantu ababi kuphela endaweni ethile benza  izenzo ezibi ,futhi mangase kuthiwe bekungenzeka ukubahlukanisa nathi sonke bese siyababhuqa baphele nya.Kodwa inkinga umucu ohlukanise okuhle nokubi uhamba ngqo enhliziyweni yaso sonke isidwala esingumuntu .Futhi pho manje ngubani ukulungele ukubhuqa iphele nya inhliziyo yakhe ayihlabe ngomkhonto ?  

Ngumbuzo omuhle lo .Yingakho uJesu esicela ukuba sithabathe iziphambano zethu qede simlandele .Yingakho esibiza ukundlala phansi ukuphila kwethu ,sife oqobweni lwethu ,ukuze sithole impilo yeqiniso.UPhawuli umphostoli ukubeka kanje  :

KwabaseGalathiya  2:20  Ngibethelwe kanye noKristu Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Ngesikhathi usabala ubuka lomugqa  wobubi ohamba ngqo enhliziyweni yakho .Ngingakubuza ukuthi  … sewusithathile kwakanye isinqumo sokubethelwa kunye noKhrestu ,ukundlala phansi impilo yakho ukuze nawe umemezele uthi , Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi ?

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.