... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kodwa Uyazi Ngempela ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 1:8,9 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile,ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

Listen to the radio broadcast of

Kodwa Uyazi Ngempela ?


Download audio file

Uma ushaye ipali ,futhi leli olibonayo ukuthi cha la ngivese ngasiphula izidindi ngobhozo uqobo ,kungokunye ukukholwa ukuthi uNkulunkulu ukuthethelele okuhluke ngamalengiso ukuthi uyemukele  leyontethelelo ,hle hle singathi  ukuzithethelela wena uqobo.

Bengikhuluma nomunye mumva nje osiphule izidindi empilweni ,wageja ebhekile qede kwasala umuzwa wokuzilahla ngecala .Manje ukholwa ngenhliziyo yakhe yonke kuJesu ;umkhonza ngenkuthalo ,wendlala phansi zonke iziphiwo zakhe e-althari. Kodwa kuye kulokhu kuphambi kwakhe okuliphutha akwenza esikhathini eside esedlule. 

Ngakho ngimphonsele inselelo ngathi kuye , “Ngiyazi uyazi ,kodwa ngabe uyazi ngempela ?” Futhi ngokucacile  esho ngenhliziyo emhlophe impendulo kwaba ngu ‘cha’.Yebo wayesazi isisho makushiwo .Wayazi ukuthi ngokukholwa kuJesu usethethelelwe izono zakhe .Kodwa wayengakayimukeli lentethelelo .Amaketango abe embophile  wayengakakhululeki kuwona . 

Futhi mhlampe uma kungukuthi nawe ukuleyondawo ,uma kungukuthi usenokungazithetheleli okusakubophile ,izindaba engiziletha kuwe ngezithi kulishwa ukuthi alukho olungakuqaqa.Kodwa izindaba ezinhle ngezithi uma uNkulunkulu ekhuluma  ,amandla akhe ayathululwa kuwe qede amaketango ayaziqathakela .Ngakho ake simuzwe ekhuluma ngamandla aKhe  :

1 EkaJohane  1:8,9 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile,ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

Engathi ubenganqamula amaketango akubophile namhlanje ngoMoya waKhe nangeZwi laKhe .

Ngoba nebala yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.