... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UbuKhrestu Obuntofontofo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:15 Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.

Listen to the radio broadcast of

UbuKhrestu Obuntofontofo


Download audio file

Ake ngikusho ngikuqinise kuwe namhlanje ukuthi ayikho into ethiwa ngubuKhrestu obuntofontofo .Kahle hle yinganekwane uqobo leyo .Uma ucabanga ukuthi kuzigendelwa ibholwa ,angikutshele ukuthi hhayi ubuKhrestu abunjalo udukele endaweni okungesiyo .

Futhi uma lokho kusenza sizace ,kunjalo nje akuguquki ngoba phela ubuKhrestu abuzalwanga kuntofontofo,kodwa bazalwa kulelogazi ,esiphambanweni esinesihluku nobuhlungu nehlazo eKhalvari.

Amakholwa okuqala  ayekhashelwa kanzima ngenxa yokushumayela ukuthi uJesu uvukile . Futhi yebo maningi amaKhrestu nakamumva nje asebe ngabafelikholo ,awamancane impela uma kuqhathaniswa nangaphambili 

Uma lokho kunganele ,asisho futhi ukuthi liyenyuka igagasi elifuna ukugubuzela amaKhrestu ngokuwakhaphela .Ubuntofontofo,yinto leyo uKhrestu angazange wasibizela kuyo ,ngoba  …

2 KwabaseKhorinte  5:15 Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.

Ngakho umbuzo uthi ngakube uzwa ubuntofontofo bukubiza ,bukubizela ezingalweni zabo ezimnandi?  Ungakhathazeki nakimi kuyenzeka lokho .Yiyona ndlela esakheke ngayo leyo .Kodwa uma ukholwa yilo Jesu owakufela ,yazi lokhu:wakufela ukuze ume ukuziphilela . 

Shlobo ,wakufela qede wavuka ethuneni ukuze ungabe usaziphilela kodwa uphilele yena .Liqiniso lelo elingehli kahle elingekho ntofo ntofo ,kodwa limile linjalo ukuthi ukubeke la emhlabeni ukuze wenze inkonzo egameni laKhe ,noma ngabe kukubiza nani lini  .

Kunabantu empilweni yakho abadinga uthando lwakhe luthululwe kubo ,konke lokho kwenzeke ngeziphiwo namagalelo akuphe wona  kulomhlaba ,ukuze basindiswe ekuyophileni iphakade labo elingenaKhrestu .

Ungalenzi iphutha ,ayikho sanhlobo into ebizwa ngobuKhrestu obuntofontofo 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.