... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yima Ukuphikisana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:10-13 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka- Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”. UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?

Listen to the radio broadcast of

Yima Ukuphikisana


Download audio file

Kubukeka kungasho lutho ukuthi uhlanganise iqeqeba elingakanani labantu ,ngisho bengakahlanganiswa baliqeqeba sebevele bayaphikisana .Impikiswano seyiqubukule ,uklayeko seluyenzeka .

Lokhu sikuthola  emindenini ,emsebenzini ,emaqoqweni asemsebenzini .Futhi nebala kuyenzeka nasemabandleni ….ngale kokuthi intshisekelo kaNkulunkulu ngukuba abantu bakhe bahlangane bebumbene bemunye .Okungakho mumva le wenza ukuba uPhawuli umphostoli abhale  lamazwi:

1 KwabaseKhorinte  1:10-13 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke,

kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.  Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka- Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”.  UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu

wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?

Ngakho ,kundlelani thina bantu bakaNkulunkulu ,esiqhube ngayo intshisekelo yakhe  yokubumbana ,sibe munye .

Ngokwe – Centre for the Study of Global Christianity kunamabandla akhona ahlukahlukene namhlanje emhlabeni angaphezu kuka 45,000.Ungakukholwa lokho ?  

Ngakho bodadewethu nabafowethu ,njengokuba kuncike kini , Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke,

kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje