... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vuleleka KuNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 51:6,7 Bheka ,uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni ,wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo .Ngihlanze ngehisophi ngihlambuluke ;ngigeze ngibe mhlophe kuneqhwa .

Listen to the radio broadcast of

Vuleleka KuNkulunkulu


Download audio file

Uma sihambe ngendlela engeyiyo ,uma sinokwazi okucacile ukuthi sihambe ngendlela ewrong ,ngaphakathi sifuna ukubaleka sicashele uNkulunkulu .Kuyamangaza lokho ,angithi?  Kodwa okuxakayo yilokho kanye esiye sizame ukukwenza .

Usubile kulesosimo nami futhi ,okusalayo sazi kahle ukuthi ukuzama ukufihla izinto ngaphansi kukamata kwenza zidlebelendle zidlulelele kobeziyikhona ekuqaleni .

Kudalo kwakunenkosi uDavide yantshontsha umfazi womnumzane  emva kwalokho  yambeka esikhaleni sokuthi  afe lomnumzane .

Inkosi  yonke  yakwa Israel yaphinga yachitha igazi elingenacala  sikhathi sinye .Yazama ukukufihla ,izenzisa sengathi umkhwenyana walomama  uphangalale empini ibambene [okuyikho  nebala okwenzeka kodwa kwaba lugobe luka Davide ukuba kwenzeke ].

Nokho okwathi ngothando lwakhe uNkulunkulu olukhulu wambiza uDavide ngomphrofethi u- Nathani. Wambuyisela ezingqondweni zakhe .

Futhi ihubo 51 lingumkhuleko  wokuphenduka kwakhe ;umkhuleko wakhe wokucela uNkulunkulu ukuba aqondise izinto phakathi kwakhe nabo naye uNkulunkulu .

Ihubo  51:6,7 Bheka ,uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni ,wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo .Ngihlanze ngehisophi ngihlambuluke ;ngigeze ngibe mhlophe kuneqhwa .

Khona la sibona uDavide emema uNkulunkulu angene enhliziyweni yakhe .Azoqondisa izinto ,ukubuyisela iqiniso likaNkulunkulu kumuntu wakhe wangaphakathi  ukuze abuyele ezingqondweni .Ukumfundisa inhlakanipho ,ukumqondisa ,ukumgeza ahlanzeke .

Uma sona ,thina ngokwethu asikwazi ukuzilungisa .NguNkulunkulu kuphela ongakwenza lokho .Vuleleka enhlakaniphweni yakhe ,uqondiso lwakhe nentethelelo yakhe .Ungazivaleli .Ngomusa wakhe uyokubeka kahle endaweni efanele .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.