... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungamnika Kanjani Iqholo uNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 6:19,20 Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

Listen to the radio broadcast of

Ungamnika Kanjani Iqholo uNkulunkulu


Download audio file

Abantu kulezinsuku benza izinto ezingajwayelekile ngemizimba yabo .Bayayisika bayidwebe bayipende abanye bayinikele ekuziphatheni kabi .Manje ithini indaba la?

Mhlawumbe ungathi kimi ,cha awume kancane mina ngine tattoo.Usho ukuthi ku wrong lokho ?  Ngibhobozile ezindlebeni zami ngakube lokho kuwrong?  Yazi ngake ngezwa omunye uthisha owayebumbe ubuso bakhe ethi phela ubuso bami ngingenza noma yini engiyithandayo ngabo .

Kodwa nanku umbuzo wami ,nanti iphuzu lami .Uma unguMKhrestu ngokwempela ngakube ngumzimba wakho ngempela ?

1 KwabaseKhorinte  6:19,20  Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?  Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

UPhawuli umphostoli wakubhala lokhu eyala ekhuza ibandla laseKhorinte elabe linokungaziphathi kahle ngokocansi .Indaba yakhe ithini empeleni?  Akuwena ophethe umzimba wakho uma sewunqume ukumlandela uJesu ,uma wamukele isipho sakhe somusa nezibele ,zentethelelo nempilo engunaphakade ,ngakho sewuthengiwe ebugqilini besono sakho ngenani eliphakeme kakhulu –ukufa kukaJesu –iNdodana kaNkulunkulu ,kulesosiphambano .

Iphuzu lami namhlanje alingakho ukulahla ngecala lowo owenze i-tattoo noma ozibhobozile noma yini okunye .Iphuzu lami la lithi uma unquma ukwenza okuthile ngomzimbha wakho khumbula ukuthi akuwona owakho .Wathengwa ngenani ngakho khazimulisa uNkulunkulu  ngomzimba  wakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.