... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakhubeki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 6:2,3 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Uma abanye beziphethe kabi kulula kithi ukukhubeka ngabo .Kahle hle kulomhlaba ophethwe kakhulu ngumoya we-entitlement  ukukhubeka ngomunye umuntu kubukeka kuyiyona ndlela yokuphendula leyo .

Kodwa akesime kancane sikhumbule ngezikhathi lakhona mina nawe siziphathe kabi nathi . Yini  eyasibangela ukukwenza lokho ? Yebo  kungaba wuhla lwezinto eziningi .Mhlawumbe kunento eyachukuluza ukulimala enhliziyweni okwakwenzeke kwimumva lakho ,mhlawumbe ukuthinteka kwendawo ebucayi enhliziyweni yethu –okungaba yinxeba elithile .

Kumbe mhlawumbe sasizizwa sisengcindezini ,njengokuba sivamisa ukuba kuyona ,ngakho simate kulesosimo.Kumbe kube ngukuthi sathinta abantu vele abenza amaphutha .

Futhi lezozizathu azingeni kithi kuphela kodwa nakwabanye abantu ngoba nabo bangabantu njengathi ,okuthi izikhathi ngezikhathi baziphathe kabi .Lowomuzwa wokuziphendulela ngaleyondlela ubukeka kuyiwo ofika kuqala ,angithi ?  Mhlawumbe ikhona enye indlela .

KwabaseGalathiya  6:2,3 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Ngakho singaba sekukhubukeni kumbe sibasize ebuthakathakeni babo  kulezizinto ezichukuluza imihuzuko yabo ,ukwehluleka kwabo –lokho singakwenza ngokugudluza ukwahlulela  sisondeze ukuzwelana nabo .

Yazi abanye abantu abasibona abantu ababi .Umoya wokuziphatha kabi wabo ushayelwa ngokuthile ngaphakathi kubo .Okuba kakhulu ngukushesha ubahlulele ,ukhubeke ngabo .Lokho kubi .

Njengokuba omunye wathi akumele uze uhlale uyisihlinane ukuze uphile nabo .Ukungabikho kokuzwelana nabo yikho kanye okuzokuyisa kulokho kanye .

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.