... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuziphatha Okunamahloni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 9:33,34 Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuziphatha Okunamahloni


Download audio file

Intshisekelo yokucatshangwa kahle yimfihlo abaningi ebadlayo ezinhliziyweni  zabo ukuyilambela .Kaningi izwakala isiqhumbuka ngamagama ,ngokuziphatha kwethu ….futhi kulesosigaba asisho kusuke kungasekuhle .

Kukhona yini okungalungile ukulubekela ukuba ngophambili kokwenzayo ,ekubeni ngowinayo entweni ethile ?  Hle hle cha.Kuhle ukuphumelela.

Kodwa uma sifuna ukuwina ukuze kube khona olahlekelwayo ,uma sifuna ukugibela intaba ngokuthi sihambe sigxoba abanye  ,uma kunjalo  kubi impela .

Sewake waba nayo leyontshisekelo ? Sewake wafuna ukudlula  lo nalo emsebenzini ,ohlale njalo  efuna ukuziveza engcono phambi komqashi? Kumbe ufune abantu babone ukuthi u-smart kunabanye abantu ,futhi ubukeka kangcono ?

Uma unalololubekelo ufuna ukulugcina luyimfihlo  .Okuyilokho kanye okwabe kuqhubeka kulendaba elandelayo :

NgokukaMarkhu  9:33,34 Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?” Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.

Kungani abafundi bengamphendulanga ? Ngoba ekucaceni kwalokhu abase bekuzwile bakubona kuJesu njengamanje ,babazi ukuthi lokhukuziphatha kokuqophisana ngobukhulu kwabe kuwukuziphatha okushayisana ngamahloni .

Ake ngikubuze ,ngakube unayo lemfihlo kuwe ngaphakathi yokufuna ukuba mkhulu ngenani lokulahlekelwa kwabanye ? Ngoba asivumelane la kuletha amahloni .Yingakho kuyimfihlo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.