Ukuphikelela Ukugcizelela Amalungelo Akho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaJohane 15:13 Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-4.jpg)
Empilweni yakho ,la khona manje,kukho konke lokhu okuqhubekayo kuwe ,yiziphi izinto okholelwa ngukuthi zikufanele kube ngezakho –entittled to? Ilungelo loluntu elingenakuphikiswa muntu lokuthi uphile noma kanjani ngokungaphazanyiswa .
Kubukeka sengathi uhla lamalungelo oluntu esikholwa ngukuthi asifanele luqhubeka lukhula usuku nosuku .Inkululeko yokuzicabangela , Ukukhuluma ngokukhululeka ,inkululeleko yokuzibandakanya ,inkululeko ngenkolo …ubani ongaphikisana nalokho ? Kulula.labo abasho izinto abanye abangavumelani nazo ,labo abahlangana nabanye abantu laba bona abangabanambithisi kahle ,labo abakholwa ngukuthi inkolo yakho iyimfithimfithi yamavundululu angamafuhlufuhlu.
Yilokho kanye okwenzekayo emhlabeni wethu namhlanje ;abantu bephoqa ukuthi ukubona kwabo ,ukukholelwa kwabo ,indlela yabo yokuphila mayimukelwe futhi nebala ishayelwe ihlombe ngabantu bonke egameni lokumukelana nikuphila okuhlukene .
Manje uma mina nawe siphikisana ngokuthile ,futhi ngiphikelele ngithi umelwe ukuvumelana nami ,
nawe uphikelela ukuthi ngimelwe ukuvumelana nawe ….uma ucabanga lokho kuzosebenza ndlelani ngokwegiya lokuphilisana kulomhlaba ?
Ngafunda utho lusuku lumbe olwathola indawo ekhethekile kimi: Ukuphikelela ukugcizelela amalungelo akho ngokungabi nandaba ngama responsibility akho akuyona inkululeko leyo ,kuwukuba yivukana nje lokho .
Ngakho uma kuwukuthi ungumuntu okholwa kuJesu Khrestu ,yimaphi ama-responsibility akho ?
NgokukaJohane 15:13 Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
Futhi ngqo ngqo ,njengokuba umphostoli uPhawuli akuqaphela wakubeka kamumva wathi,uJesu wadela ukuphila kwaKhe ngenxa yethu ngisho siseyizoni ,siseyizitha zaKhe .
Kubukeka sengathi ilungelo elibekwe kimi njengomfundi kaJesu engingephikiswe kulo ngukuthatha isiphambano sami ngimlandele . Futhi lokho kuzobiza .Kuzobiza kakhulu!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.