... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukunqoba Izithiyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 8:35-37 Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa,noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.” Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

Listen to the radio broadcast of

Ukunqoba Izithiyo


Download audio file

Ngikholwa ngukuthi sonke sikulemfundiso ,okuthi mayiphathwe  kahle waphendula kahle kuyo ,ethi inhlupheko iba ngumgqumo wamandla amakhulu ekubumbeni  inkambo yethu ibe nhle .Kodwa masekuziwa kwezethu siqu izinhlupheko ,akumele lemfundiso nesenzo bese kuyaqala kuyaqhelelana .

Inkinga ngalemfundiso ukuthi yona ihlala ekhanda kanti inhlupheko ihlasela ngqo enhliziyweni yakho ikuchoboza ngaphakathi .Yingakho sizabalaza ukukufaka esenzweni esesibhekene naso lokho okuyimfundiso esiyikholelwayo okuliqiniso ngokholo ,phakathi nayo kanye inhlupheko yethu .

Kaningi empilweni  simelwe ngukunqoba  izithiyo –amabala ahlala phezu kwemiphefumul yethu  ekujuleni kwayo nokuhlaseleka  okusiqondayo .

Usuke uqaphele ukuthi uzizwa uwedwa kanjani kuloluhambo lokunqoba impi osuke ubhekene nayo ?  Ungabazane lumpuntsha ngesikhala esincane lungene,abanye abazi yini le obhene nayo ,futhi uzizwe ungenamandla .

Ungathini mangase ngithi kuwe khona kanye kuloyondawo yenhlupheko  usuke umukeliswa ithuba eliyingqayizivele elivela kuMvelingqangi ?

KwabaseRoma  8:35-37 Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa,noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?  Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa

yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.”  Kepha kukho konke lokho siyanqoba  nokunqoba ngowasithandayo.

UPhawuli umphostoli wayebhekene nenhlupheko engacahazeki ,impilo yakhe yayihleli isekuhlaselweni ebungozini ,ngesikhathi ebhala lawomazwi .Ungazicabanga uwabhala lamazwi ukulesosimo kanye ? Kodwa wawabhala yena ngoba wathola ukuthi akukho luthi ,yebo lutho sanhlobo ! engamhlukanisa nothando lukaKhrestu .Wakuthola lokhu esimweni qobo ukuthi –  Kepha kukho konke lokho siyanqoba  nokunqoba ngowasithandayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.