... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Olusindisayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:8-9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Olusindisayo


Download audio file

Ukholo luyinto emangalisayo ukuba nalo ,ikakhulukazi uma lukumuntu kumbe lusentweni engenakuhluleka .Kodwa luqina kanjani ukholo lwakho ezikhathini ezimahhadlahhadla empilweni ?  Ngakube luqine okwetshe noma luvese luwubulwe ziphepho?

Uma impilo isemadwaleni ashibilikayo kulapho lakhona ukholo lwethu luntenga size sibe nongabazane sizibuze ukuthi ngakube uNkulunkulu usasithanda yini ,sithi hleze izono zathu  nezimo zethu  sezilimaze zashabalalisa ingunaphakade lethu naYe .

Isitha sakho uSathane sifuna ukukhanda  ufa phakathi kwakho nokholo lwakho oluqinile ,umusa kaNkulunkulu ongaguqukiyo ozokugcina uphephile namhlanje nakusasa ,ngunaphakade.Okuthi uma lomklayeko wanda ,kuyajula futhi nokuqhela kwethu kuNkulunkulu –hle hle yiloyendlela okuye kuzwakale ngayo .

Ngiyazi ukuthi kunomuntu namhlanje olalele kumbe ofunda lomyalezo okulesosimo kanye .Futhi uma kungekhona namhlanje nakanjani kusasa sisazozithola sikulesosimo  .

Yisikhathi sokukhuluma iqiniso likaNkulunkulu elinamandla elisindisayo ,elisebenza ngokumelana nalokho kuhlaselwa ,lesositha simelwa ukubaleka uma iZwi likaNkulunkulu selikhulunyiwe .

KwabaseFesu  2:8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Ukholo lwami ,ukholo lwakho ,akumele nini nanini lube sesandleni sami ukwenza imisebenzi emihle ;ukuhlonipha uNkulunkulu .Ngoba lawomandla awaqinile okwedwala .Ayahluleka ezikhathini ngezikhathi masekuvela izimpi .Ukholo lwethu lumelwe zikhathi zonke ukuba semhlatshelweni osindisayo kaJesu kulesosiphambano – ngoba umnikelo wakhe awupheli amandla .

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini,kuyisipho sikaNkulunkulu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.