... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sewake Wazibuza Ukuthi Ekaze Kungani …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 51:11,12 Ungangilahli ebusweni bakho,ungangemuki uMoya wakho oNgcwele .Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho ,ungiphase ngomoya ovumayo .

Listen to the radio broadcast of

Sewake Wazibuza Ukuthi Ekaze Kungani …


Download audio file

Sewake wazibuza ukuthi kungani intokozo owake waba nayo ,intokozo owawukholwa uNkulunkulu ufuna ube nayo ,kubukeka sengathi seyihwamukile ?

Pheshe ,nyamalaliyane ,yaphela kanjalo!  Kube sengathi uNkulunkulu wakushiya dengwane okwendlu iphephukelwe wuphahla qede yasala ngezindonga kuphela .

Kwesinye isikhathi uyothatha igxathi athi ukuhlehla kithi ukuze asizwize  ukuthi kunjani ukuba sehlane kancane .Ngoba kulapho kanye inkambo yethu ivivinywa futhi ivovwa khona . Kwingxenye yethu enkulu siyilokhu esiyikhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wasivova kanjalo .

Kodwa kwesinye isikhathi inkinga isuke idalwe yithi ngokuziphatha kwethu ;ukumhlubuka .Yebo uyaqhubeka uyasithanda ,Ukulungele ukusithethelela ,kodwa ukuba seduze kwethu noNkulunkulu kwaphukile  njengokuba ukwenza oku wrong komunye ebudlelwaneni kuphazamiza lo omunye .

Ukwazi ukuthi  wenze iphutha kuNkulunkulu akuwona umuzwa omuhle lowo ,ngoba intokozo owawunayo enhlanganyelweni naye seyihwamukile .Kuzwakala sengathi ukulahlile .

Futhi yilokho kanye okumelwe ngukwenzeka uma simkhafula uNkulunkulu .Kwakheke ngokokuthi kusisize sibuyele ezingqondweni zethu ngokulangazelela esinakho ,ukuba siphinde sizizwe intokozo yensindiso yakhe .

Okungakho okwathi emva kokuphinga nokubulala inkosi uDavide eyakwenza  yabe isikhuleka lomkhuleko  (akukho okwedlula lokho !):

Ihubo  51:11,12 Ungangilahli ebusweni bakho,ungangemuki uMoya wakho oNgcwele .Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho ,ungiphase ngomoya ovumayo .

Zenzele umusa .Nxa wazi ukuthi uhlubukile ,uma wazi ukuthi wenze oku wrong ,buyela ezingqondweni zakho ngokushesha  bese uvumela uNkulunkulu ukukugcwalisa ngobukhona baKhe ,uMoya wakhe,abuyise  ukuthokoza kwensindiso yakho  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.