... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Qhubeka Uthandaze

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 18:6,7 Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?

Listen to the radio broadcast of

Qhubeka Uthandaze


Download audio file

Ngakube uzizwa sengathi zonke izimpendulo ozibhekile  azizi kuwe zibanjiwe,ukuthi uNkulunkulu akalalele kumbe akanandaba ? Yebo,namhlanje ,uJesu uqobo lwaKhe unesifundo  kuwe kanye okulendawo .

UJesu wathi kubafundi baKhe aboqhubeka bethandaza ze bengalahlekelwa yithemba .Washo lendaba ukuze bakubambe akushoyo .

Kwake kwanomahluleli owayengenandaba noNkulunkulu  nokuthi abanye babecabangani ngaye .Ngakho nakhu kufika kuye umfelokazi ephindelela ,ethi , ‘Kunendoda elokhu iqhubeka yenza okubi kimi ,ngiphe amalungelo ami !’Kodwa umahluleli wenqaba ukumsiza lo wesifazane  

Ngakho waqhubeka lo wesifazane eyisimbelambela ,okwaze kwathi ekugcineni , wathi ‘Anginandaba noNkulunkulu nokuthi abantu bacabangani ,kodwa lo wesifazane uyangibelesela  .Uma ngimnika  lokhu akufunayo uzohlukana nami.Uma ngingamniki  uzoba yiphela endlebeni kimi ngiyoze ngiguliswe  yilokho  ’

Yeka indlela ehlukile emangazayo yokufundisa abafundi baKhe ngethemba .Nokho okwabukeka ngokuthi usebenzisa indaba engenhle ,ngenhloso yokwenza iphuzu elinamandla  :

NgokukaLukha 18:6,7 Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?

UJesu azama ukusifundisa khona la ,ukuthi ngisho nala  khona izimo zethu zibukeka zimelene nathi ,simelwe ngukuphikelela emthandazweni  .

Qhubeka uthandaze ..ungalilahli ithemba ,ekugcineni uNkulunkulu uzokunika okucelayo .Uzokusiza …maduze  !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.