... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Phakathi Esivunguvungwini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 46:1-3,10 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu ;ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba ,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amaza alo ehlokoma ,ekhephuza nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo . Thulani niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu ;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe ,ngiphakame emhlabeni .

Listen to the radio broadcast of

Phakathi Esivunguvungwini


Download audio file

Izinto impilo esijikijela ngazo kwesinye isikhathi  zingaba ngezesabekayo .Kwezinye  izikhathi kubukeka zisivoshozela phansi .Noma kube yikuphi .Kodwa esikudingayo hle hle ngukuthula .Manje inkinga ukutholaphi lokho ?

Uma izimo zempilo  zihlasela ngqo umnkantsha kuwe ,kuye kubukeke kungenakwenzeka ukuthola ukuthula .Ungaba nokuthula kanjani uma ezezimali zakho  zibhidlika ,ezikhathini zokuklayeka komshado wakho ,ebuhlungwini bengane ehluphayo ,isimo sezempilo esiyisimbelambela esibuhlungu ?

Imvama siye silokhu sicabanga ngokuphindelela ,siguquguquka embhedeni sibuyisa lenkinga engqondweni .Ungangitshela ukuthi lokho kukusebenzele kanjani ?

Nansi indlela kaNkulunkulu ,iqiniso lakhe ,ukuthula kwakhe :

Ihubo  46:1-3,10 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu ;ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba ,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amaza alo ehlokoma ,ekhephuza nezintaba zizamazama  ngokukhukhumala kwalo .

Thulani niqonde ukuthi  mina nginguNkulunkulu ;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe ,ngiphakame emhlabeni .

Kuguquka umhlaba ,izintaba ziwela olwandle ,amaze olwandle ehlokoma ,nezintaba zizamazama  lo osathi ubeke khona unyawo .Isisombululo salokho awusitholi kwi-internet .Lutho sanhlobo!

Indawo mina nawe esidinga  ukuba kuyona ,indawo yokuthula ayikho ekubalekeleni lezozimo ,kodwa khona kanye lapho ,esivunguvungwini uqobo .Ngoba yilapho akhona khona naye uNkulunkulu .

Thulani niqonde ukuthi  mina nginguNkulunkulu ;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe ,ngiphakame emhlabeni !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.