... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okusemqoka Ukukukhumbula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 16:7,8 Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo;nasebusuku izinso zami ziyangiyala .Ngimbeke njalo uJehova phambi kwami ,ngokuba ungakwesokunene sami angiyikuzanyazanyiswa .

Kuyinto evamile ukuthi masibhekene nempi ,sisemzabalazweni ,maphakathi nesimo esimanaphanapha ,sizizwa sisodwa .Kunokwenzeka asisodwa kodwa yiyona ndlela okuzwakala kuyiyo leyo .

Kahle hle sikhathi sinye impi ishisa ,kusikhathi sinye sizwa ubuhlungu nenhlupheko ….kuye ngokuya kubukeka sengathi uNkulunkulu uqhelile .Inkinga esibhekene nayo inkulu ngendlela yokuthi ,uNkulunkulu ubukeka emncuh futhi eqhelile ele kude ….nakhona uma sinawo kwawona lawo okumbona ele kude .Ngakube lokho kuzwakala kuyinto okuye kube  yiyo ?

Futhi nebala ,lomuzwa wokuzizwa uwedwa ,uqhelile kuNkulunkulu okude naye ,akumeli iqiniso lokho .Ngoba nanti iqiniso:

Ihubo 16:7,8 Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo;nasebusuku izinso zami ziyangiyala .Ngimbeke njalo uJehova phambi kwami ,ngokuba ungakwesokunene sami angiyikuzanyazanyiswa .

Mina nawe siyamdinga uMoya oNgcwele ukusifundisa leloqiniso  ukuthi abe nathi phakathi nobusuku lakhona sidonsekela ngapha nangapha .Yingakho kusemqoka ukuba yindoda nowesifazane weZwi likaNkulunkulu ,ukuze sihlale silungile makuvuka izimpi .Iqiniso elidinga ukufundiswa kithi nguNkulunkulu ukuba libhalwe ezinhliziyweni zethu  into enamandla ukuyikhumbula yile yokuthi : Ngimbeke njalo uJehova phambi kwami ,ngokuba ungakwesokunene sami angiyikuzanyazanyiswa .

INkosi uDavide yabhala leliHubo phakathi nezimpi ezinzima .Kulesosikhathi kanye uNkulunkulu wayengabukeki eqhelile ,ngoba wayevele elazi iqiniso .Shlobo sami uNkulunkulu uhlala enawe !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.