... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okubuhlungu Okungaka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Izikronike 30:9 Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova ,abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo ,babuyele kulelizwe ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa ,nesihe akayikunifulathela ,uma nibuyela kuye .

Listen to the radio broadcast of

Okubuhlungu Okungaka


Download audio file

Uyazi ukuthi yini engihlabayo ngesikhathi samanje esiphila kusona ? Kunobuhlungu  nencithakalo obuningi ezimpilweni zabaningi  ,okwenza kuzwele engqondweni icabange ngakho njalo .Kungani abantu abaningi kangaka behlupheka kangaka?

Ngakho ,yini le engiholela kulelikusasa elibukeka lingathembisi ?  La e Christianityworks  sine website yomkhuleko : PowerfulPrayer.org –lakhona izinkulungwane zabantu zibhala zishiye khona izicelo zemikhuleko yazo qede ibutho labakhulekayo lizobakhulekela .

Nami ngiyabakhulekela labo engikwazi ukubakhulekela .Nezidingo ezijulile ,izimo ezinzima ,okuningi lazo okuthi uma becela imikhuleko abantu bakaNkulunkulu zinqamula inhliziyo yami  .

Ngakho ake ubuke ngamehlo omqondo ,izigidi mhalwumbe izigidigidi zemikhuleko eya kuNkulunkulu usuku nosuku ,engabe iqaqamba kanjani inhliziyo yakhe  ngathi –yebo ngawe nami kanye .Futhi lonke lolusizi lungumphumela ngqo wesono soluntu –yebo esami nesakho isono .

Kodwa nakuba zonke lezizono zilethe lezinhlupheko zinqwabanela emakhanda ethu ,yebo ngenxa yokuba phansi kwethu ,uNkulunkulu unalokhu ukukukhuluma ezimpilweni zethu namhlanje  :

2 Izikronike  30:9 Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova ,abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo ,babuyele kulelizwe ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa ,nesihe akayikunifulathela ,uma nibuyela kuye .

Noma ngabe ukuphi njengamanje ,noma ngabe uduke kangakanani ,buya ubuyele eNkosini .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.