... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isithako Sokuthula (3)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

Listen to the radio broadcast of

Isithako Sokuthula (3)


Download audio file

Usuku nosuku ake ngikubuze yini ephusha imicabango yakho ? Yini ekwenza wenze okwenzayo ;ube yilo onguye ?

Abantu abaningi uma bebezothembeka bebezothi …izimo zabo,abantu ababazungezile ,izindawo abazithola sebekuzo .Imvama siphenduka sibe yilokhu esiyikho  ngokokuphendula ezintweni eziza kithi .

Akucabange ngalokhu uma ukhulele ekhaya elifudumele ,yebo elinabazali abahle [nakuba babengekho perfect]   … nebala uzoba ngumuntu owehlukile kunomuntu obethathwa zihlobo akhuliswe yilesi asuke aye kulesi  kumbe ekhaya lezintandane ,engekho umuntu onguye  ngokumzala ukumnika loluthando .

Ndlelalnye nathi  ebudaleni bethu kuba yizimo eziphusha ezenza uhlobo oluthile lokucabanga .

Umsebenzi omuhle ongacikizi uma kuqhathaniswa nokungasebenzi ;umshado ofudumele uma uqhathaniswa nokuhlukanisiwe kuwo ,ubudlelwane obuhle uma kuqhathaniswa  nongqubuzano .Konke lokhu kunegalelo elikhulu ukuthi sigcina singabantu abanjani  .

Kodwa ngakube kuyinto enhle ukuvumela izimo ,abantu ukuba babe  ngabagwedli bempilo yethu ,kumbe ngakube ikhona enye indlela engcono  ?

KwabaseKolose  3:15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

Asikuvume ukuthi impilo emnyango ingugingqigongqo .Iyehla iyenyuka .Kunezivunguvungu nokuzola okuthule kamnandi. Uyafuna ngempela ukuphila kulowogingqigonqo ? Cha !  

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu.

Futhi ngesikhathi ubhekana nakho konke lokhu empilweni yakho bonga  ngezikhathi zonke .Ngoba  Ukuthula kukaKristu  , enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye

Ukuqhubeka kwakho usondela kuJesu kusikhathi sinye kwanda ukuthula kuwe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.