... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isithako Sokuthula (1)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Listen to the radio broadcast of

Isithako Sokuthula (1)


Download audio file

Ziningi izinto empilweni yakho ezingakuphuca ukuthula kwakho .Kodwa ohleni phezulu ngezobudlelwane ezihamba zodwa .Labobantu abanzima .

Ungqubuzano .Inkemba noma umkhonto enhliziyweni kwezobudlelwane kungenjalo ukushawa esiphundu kungashiya ubhibha igazi enhliziyweni qede kufahlaze ukuthula kwakho .

Uyazi kuhamba kanjani .Uvuka embhedeni ugcwele izifiso ezinhle zosuku ,zokuphila entokozweni  nasekuthuleni kweNkosi .

Kodwa umuntu wokuqala okhuluma naye kumbe imessage yokuqala engenayo …..ibhomu uqobo lwalo ! Qede kuphume ngewindi konke ukuthula kwakho .

Bengayenza kanjani lento kimi ? Ngimelwe ngukuhlonishwa .Ngizobakhombisa  !

Ngakho usisebenza kanjani isimo esinjalo ukukwazi ukugcina ukuthula kwakho  kweNkosi kulolusuku obunezifiso ezinhle ngalo ?  Ngoba angikutshele ukufuna usekuphileni injabulo nokuthula kwakhe ,kungomunye wemihlomulo asipha yona .

KwabaseKolose  3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo,

nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Kuncike ekuphenduleni kwethu kulababantu abasiphuca ukuthula kwethu . Ngifanelwe ngokungcono ! Kodwa bekuzoba njani mangase kuthiwe besibe nenkambiso ehlukile kulababantu abafuna ukusiphuca ukuthula kwethu ?

yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane

Emva kwakho konke kungakanani ububele uNkulunkulu akukhombise bona ? Futhi kukangaki ekuxolele  ?

nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Umusa ,izibele ,ukuthobeka ,ubumnene,ukuthethelela …ukuthula

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.