... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isikhathi Sokulingwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 1:12,13 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

Listen to the radio broadcast of

Isikhathi Sokulingwa


Download audio file

Nini nanini lakhona izinto zisicindezela  –kungaba ngokwenyama ,imizwa yenhliziyo  kumbe ngokomoya –uke ukuqaphele lokhu ukuthi isilingo sibukeka siza kuwe simafindofindo .

Kuba sengathi ukhona umuntu obazi ukuthi uyazabalaza kokuthile ,ngakho athathe ithuba ukukukhahlela ngesikhathi uphansi .

Isilingo ngesinye isihloko esibucayi.Asithandi ukukhuluma ngaso ,ngoba sesaba lokho abantu abangakucabanga .Kungani kunjalo ?  Ngokungangabazi ngoba  sithwala kanzima  emqondweni wokuthi yithi sodwa esilingwayo kumbe esivivinywayo .

Kodwa lokho akulona sanhlobo iqiniso ;isilingo sisishaya sonke ikakhulukazi uma sixinekile ,ikakhulukazi uma ungumuntu  ofuna ukuhlonipha uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yakho .Akekho noyedwa ongabaliwe kuso .Ngisho uJesu imbala .

NgokukaMarkhu  1:12,13 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

Izimo zokwenyama  uJesu azithola kuzo zazesabisa.Ngokuphathekayo uMoya kaNkulunkulu wamphonsa ehlane  ezilwaneni zasendle  lakhona alamba izinsuku ezingu 40 nobusuku obungu 40 .

Wayebuthaka ,edledlezela ,ecindezelekile nhlazonke  ….kwaba kulowomzuzu kanye lakhona uSathane eza ukuzomlinga .

Ngakube lendlela izwakala ijwayela ukuba njalo ? Futhi khona kanye kuleyondawo ehlasimulisayo ,uNkulunkulu wayenaye .Khona kanye lapho kulezozimo ezinzima ,nakuba ngokungangabazi wazizwa enomzwangedwa ,uYise wayeseduze ekunye  naye .Futhi okwath ngesikhathi esiyiso, izingelosi zamkhonza.

Cha ,akuwena wedwa .Futhi awuwedwa  nhlobo . Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.