Isibusiso Nenhlupheko
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseFiliphu 1:29,30 Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe, nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-7.jpg)
Uma singena ezikhathini zenhlupheko (njengokuba sonke singena kuzo ), kuyinto yokugcina ukuthi singacabanga ukuthi lenhlupheko ingaba yisibusiso. Kahle hle ngubani nje empeleni ongasebenzisa lamagama awahlanganise “inhlupheko” “ nesibusiso” ?
Njalo uma sinamaphupho ngekusasa ,siphupha ngezinto ezinhle nezibusiso . Akekho noyedwa kithi ohlala phansi acabange afise kuze isikhathi senhlupheko nobunzima . Ukuhlupheka siyakubalekela njengesifo esingumashanela . Futhi ngenxa yokuthi akekho noyedwa kithina ofuna ukuhlupheka kulula ukuyikhahlela uyibeke le kude lento yenhlupheko /nesibusiso.
Umphostoli Phawuli kwakuyindoda eyayikwejwayele kokubili ,inhlupheko nesibusiso .Nansi indlela abeke ngayo :
KwabaseFiliphu 1:29,30 Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe, nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.
Kungani uNkulunkulu ekubusisile ? Ukubusise kanjani? Ngezindlela ezikhonza uKhrestu . Isibusiso saKhe kuwe asilethelwe ukuphelela kuwe singadlulelanga phambili.Zimelwe ukugelezela ezimpilweni zabanye abantu ngawe .Yilona liphuzu lokuqala lapha .
Iphuzu lesibili ngelokuthi kunye nalezobusiso kuza iqholo lokuhlonipheka ngokuhluphekela uKhrestu ngesikhathi zigeleza ngawe . Ngakho ngokuzayo ngamhla uzwa ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi manje : Yilesosikhathi kanye ohluphekela uKhrestu ungene kukho ngenhliziyo enhle , ngomoya omuhle ,uqhubeke uvumele izibusiso zaKhe zigeleze ngawe zibusise abanye khona esikhathini sokukhameka zinhlupheko zaKhe … kokobili kuletha inkazimulo kuKhrestu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.