Iphutha Elikhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Ngokuka Johane 17:3 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-9.jpg)
Elinye lamaphutha amakhulu esingawenza ekukholweni nguJesu,ekubizweni ngokuthi singaMaKhrestu ,ngukuguqula ubudlelwane obakhelwe impilo ende ,yebo ingunaphakade ,qede thina sibenze inkolo; kugcine sekuyinto nje yokulandela umfuma wezinqubo ezithile .
Singakuqinisekisa ukuthi kunezinqubo noma zibonakala noma zingabonakali ;zikhona kubo bonke ubudlelwane . Kunezinqubo emshadweni ukuthi unkosikazi nendoda baphathane kanjani . Nakanjani kunezinqubo mayelana nokuthembeka –Angizikhiphi nomunye wesifazane .Izinto ezinjalo ezisobala .
Kodwa uma umshado usuphenduke inqwaba yemithetho nezinqubo ngoba kuyikho okumele ukwenze ,sekuwuhlobo luni lomshado lolo? Uthando selumelwe ukuphoqeka . Ubudlewane….sebuyini ke manje ?
Futhi nebala yikhona nebala lapho khona uhambo lokholo lwabaningi luphela khona . U-A.W. Tozer uyibeka kanje :
UsoSayensi wesimanje ulahlekelwe nguNkulunkulu ephakathi nakho ukumangazwa ngukwakheka komhlaba kaNkulunkulu ; Thina MaKhrestu sisengozini yokulahlekelwa nguNkulunkulu siphakathi eZwini likaNkulunkulu
Yingozi enkulu leyo esingayenza – ukufunda iZwi likaNkulunkulu ngokusengathi yinqwaba yemithetho ethiwe fuh kuwe esikhundleni sokumkhonza ngothando oluvela kuYe.Emkhulekweni waKhe uJesu waseGetsemane ,lowo ovelele ,awukhuleka andukuba aboshwe ;ubeka kanje :
NgokukaJohane 17:3 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
Qaphela ukuthi akayichazanga impilo yengunaphakade njengo-kwazi ngoNkulunkulu , kodwa ukwazi uNkulunkulu.Ngamanye amazwi ukuba nobudlelwane noNkulunkulu obujulile kwingaphakathi lethu.Futhi ingunaphakade liqala khona la ,yebo manje impela .
Mazi uNkulunkulu !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..