... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Insindiso 101

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 16:29-31 Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

Listen to the radio broadcast of

Insindiso 101


Download audio file

Kuyinto eyinzuzo ukuhlale sihlale sibuyele ezisekelweni ,ukuqinisekisa sizibambe kahle ,kanjalo nokuzikhumbuza ukuthi yikuphi okusemqoka  ngokweqiniso .

Futhi into eyodwa ukwedlula konke okunye ngobumqoka ngukuthi   lizoba kuphi ingunaphakade lakho ,ngoba ingunaphakade yisikhathi eside ,eside kakhulu .Asifiki ekupheleni  .

Manje lokhu yinto uNkulunkulu acacile kakhulu kuyo ,ukuthi uma sifa imiphefumulo yethu iyakuphila ingunaphakade  naphakade –kungaba sebukhoneni baKhe kumbe  ekuhluphekeni sahlukanisiwe naye  kuleyondawo kanye uJesu ayibiza ngesihogo .

Yingqkithi eqinile neqhubeka  ingemi eBhayibhelini lonke  futhi engavulelekile  ukwehlisela phansi ibe ngumdlalo nje  lakhona abantu bethi “ Angiyona ingelosi kodwa ngiyazi uNkulunkulu uyangithanda ,okunye akusho lutho” .Ngakube ufuna ukungenelela umjaho oya ephakadeni ngalowomoya  kamhlawumbe  ?

Manje ungenza kanjani ukuqinisekisa uphokophele endleleni okuyiyona yona ? Lokho kwabe kungukhathazeka kwalendoda eyayingaqondananga nesimangaliso esinamandla  :

Izenzo  16:29-31 Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”

Indlela eyodwa yokusindiswa ekungayini ephakadeni lasesihogweni ,ngukukholwa kuJesu .Futhi asikhulumi ngokumkholwa okungatheni ,eqhelile ele kude kumbe ukusho nje ngomlomo  kodwa ukubeka impilo yakho yonke ezandleni zakhe –konke ukundlale kuye . Ngakho …

Yikuphi okumelwe ukwenze ukuze usindiswe ? Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.