INgcazo Kanye Yobuzenzisi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
1 EkaJohane 4:19-21 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-2.jpg)
Asikwamukele ,ukuthanda abanye abantu kungaba nzima .Abahlali abantu besiphatha ngendlela esingafisa ukuphathwa ngayo .Abahlali beziphethe ngendlela esifuna baziphathe ngayo .Futhi lokho kancane kancane kuyakuncunza .
Yebo nakanjani bazoba khona abantu abaletha intokozo enkulu empilweni yakho .Bese kuba nalabo othi mawucabanga ngobuso babo ,okuqubuka imizwa engemnandi ngabo ,njengokuthi balimaza inhliziyo yakho ,baqubula ukudinwa nobuhlungu .
Mhlawumbe benza okubi kuwe .Mhlawumbe bakukhuba ndlelana thize .Mhlawumbe banemiqondo enhlanhlathayo ongavumelani nhlobo nayo .Ngakho ngokwemvelo yobuntu okuzenzakalelayo ngukuthi uqinise inhliziyo yakho kubo ngokwendlela yokuzivikela kubo .
Inkinga ngukuthi ngesikhathi inhliziyo yakho iqina iyaqala iqubuke inzondo ngokwentuthu enganakucimeka .Yilapho kanye iZwi likaNkulunkulu kulokho liyikhambi elinamandla elelaphayo:
EkaJohane 4:19-21 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
Ake ukucabange lokho .Uchazo olucacile lomzenzisi nguMkhrestu owehla enyuka ephethe izibhalo kodwa inhliziyo yakhe inqwabelene inzondo .
Vumela iZwi likaNkulunkulu likukhulule namhlanje .Vumela uMoya oNgcwele athambise inhliziyo yakho ,ayelaphe ,akukhulule enzondweni.
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.