... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Yokubona Amanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:31,44 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga,ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Listen to the radio broadcast of

Indlela Yokubona Amanga


Download audio file

Inkohliso isikake nxazonke kulezinsuku . Phezu kokuba abahleli bezindaba nezintatheli beneminyaka  befaka lokho okubizwa ngezindaba yonke leminyaka ,kulezinsuku ngoba sibhekene nokwanda kwamampunge kwenza  kube nzima  ukulibona iqiniso  kumavundulululu amanga agcwele .

Futhi akukho nje endabeni yezindaba nolwazi  la khona sinalenkinga .Kuyenzeka nasezimpilweni zethu futhi .Kungakanani  ukusontwa okwenziwe kuwe ngumuntu obezibeka njengomngani ,kodwa ekugcineni othole ukuthi ubefuna utho kuwe kuphela ?

Ngakho …uwanombola kanjani amanga uma eza kuwe ukuthi yiwo  uqobo lwawo ?

NgokukaJohane  8:31,44 Khona uJesu wathi kubaJuda abase

bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;

Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali

wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga,ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Ngakho,ngokukaJesu indlela yokunombola amanga ngukwazi iqiniso .Indlela yokuqaphela amanga ,ngukumlalela ,ukumukela izifundiso zakhe ,ukuzithobela izifundiso zakhe .

Ngoba uSathane uyaqinisekisa ukuthi umhlaba  ugubuzelwe ngamanga.Kodwa lawomanga aya ngokuya  eba sobala futhi nokuwahlukanisa maye vela ,ngesikhathi iqiniso likaJesu ligcwalisa inhliziyo yakho  .

Landela uJesu.Mukela ulandele izifundiso zakhe .Nakanjani uyobe sewulazi iqiniso ,futhi iqiniso liyokukhulula .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.