... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Enyathela Kancane Ngesikhathi Ehamba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 37:1-4 Ungazikhathazi ngababi,ungabi namhawu ngabenza okungalunguile.Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani babune njengemithana eluhlaza . Themba kuJehova wenze okulungileyo ,hlala ezweni uzondle ngokukholeka ;zithokozise ngoJehova yikhona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho .

Dukuduku sekwenzeka lokhu kwenzeka lokhuya ,izinto esizilangazelelayo nezinto ebesingazithandi zenzeke  qede siphendule ndlela thize kuzo .Okuthi uma siphendula kuzo ,impilo ivese igingqike ngelinye isondo .

Akekho othanda ukugibela esondweni elilokhu liginqikela naye nhlazonke ,kungubugudlududlu kunjeya emajikeni ,ubuhhadlahhadla balelosondo  iningi labo lisekutheni siphendula kanjani ezintweni .

Ake sithathe nje into evese isbangele ukushisa ,abantu ababi ubabone besimama bechuma bephumelela ;abantu baphile kahle kodwa bebe benegazi ezandleni zabo ,kodwa thina esithi sizama ukwenza okuhle kucace sidonsa kanzima kakhulu isindandanda imoto engahambi ngiyakuthsela wena  . Lokho kungavusa umuzwa wenhliziyo kanzima kimi nawe .Ngakho nansi inhlakanipho enamandla kaNkulunkulu ,ukusiza ukupholisha lawomahhudluhhudlu  okuphendula kwethu  :

Ihubo  37:1-4 Ungazikhathazi ngababi,ungabi namhawu ngabenza  okungalunguile.Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani babune njengemithana eluhlaza .

Themba kuJehova wenze okulungileyo ,hlala ezweni uzondle ngokukholeka ;zithokozise ngoJehova yikhona ezokunika  okufiswa yinhliziyo yakho .

Yikuphi uNkulunkulu asibizela ukukwenza ekuphenduleni kulabo abantu ababi? Ngukumethemba nokuhlabela phambili senza okuhle .Ukuphila ebaleni asiklamele lona  futhi sizinze kulo ,sincike kuye singaba hleli ngokumile entandweni yakhe –ukwenze lokho ngenhliziyo enhle  futhi nebala uyokunika okufiswa yinhliziyo yakho .

Yima ukuphendula kokubi ngokukhonona ,Ncika kuye .Yenza okuhle  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.