... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unaso Isipho Sakho Esesilungele Ukuhamba ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

Uma ucabanga loyamkhuba wokubeka  izipho ehlahleni likaKhisimusi  kubukeka kuyisidala esizibhekele eceleni sokugubha uKhisimusi .Kubheke eceleni ngempela . 

Sonke sikwenzile ,asikwenzanga? Sehla senyuka uma kuKhisimusi siyothenga lokhu nalokhuya sithengela esibathandayo .Futhi kuba nalo okunzima ukumthengela isipho – lowo ngowesilisa  .Abesifazane kulula ukubathengela ,awuboni kanjalo ? 

Futhi kodwa kukancane sizibuza ukuthi kungani ? Kungani sigubha uKhisimusi ngokuthenga izipho –imvamisa leyomali esithenga ngayo kusuke kuyizinto abangazange bathi bayazidinga labobantu . 

Isizathu ngukuthi sigubha isipho esikhulu kunazo zonke ezake zanikezwa uluntu .UJesu iNdodana kaNkulunkulu esinikiwe yona ,ukuze siphile .

EkaJakobe  1:17Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

Manje akulona ivesi leli esivamisa ukulimatanisa noKhisimusi,kodwa okuyikho okungithathayo kulona ngukuthi uNkulunkulu akaguquki .Uhlale enjalo zikhathi zonke .Wanikela imvelo yaKhe yonke kithina ,ukuze sibuse phezu kwayo .Akudingi ukuba uze uqalaze kude ukubona ukuthi thina luntu sesiyidlavaze kanjani . 

Samflathela loNkulunkulu onesihe ophanayo ,ngakho emva  kwalokho wathumela iNdodana yaKhe uJesu ukusisindisa .Isipho esikhulu kunazo zonke ezathunyelwa kuluntu .Isipho esikhulu kunazo zonke ezathunyelwa kimi nawe .

Into le okumele siyikhumbule ngesikhathi sisaqaqa simukela isipho sikaKhisimusi .UJesu .Uphelele Yena . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..