... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukusindisa Izoni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 27:32-37 Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa,akathandanga ukuliphuza. Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; ahlala amlinda khona. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

Listen to the radio broadcast of

Ukusindisa Izoni


Download audio file

Izolo sikhulume ngokuthanda izitha zakho –okungenye yezinkulumo ezingehli kahle ezashiwo nguJesu .Futhi akuyona into nje ayisho kuphela kodwa yinto ayiphila wafa ngenxa yayo 

Akusho lutho ukuthi ungubani ,uhlala kuphi futhi ukholelwa kukuphi ,nawe ,uyazi ngokungangabazi  njengathi sonke ukuthi uJesu wabethelwa esiphambanweni .Baningi abakwaziyo lokho emhlabeni wonke ,ngisho nakuba abaningi bengazi ukuthi kwakungasiphi isizathu .Kodwa kungalula  kanjani ukweqa ungacabangi ngobuhlungu bokubethelwa kwaKhe? 

NgokukaMathewu  27:32-37  Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa,akathandanga ukuliphuza. 

Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; ahlala amlinda khona.  Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO  NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

Into ebuhlungu le ,futhi eyedlulele uma uyibuka ngamehlo kaJesu .Mumva le eminyakeni yama 1900 indoda engu  Octavius Winslow ikubeka kanje:

UJesu wakugobela ngokuphelele ukubethelwa  esiphambanweni ngenxa yezoni kulowomuthi wehlazo , kangangokuthi waze wadala ngisho umuthi ayezofela kuwona , futhi wakhulisa abantwana abakhula baba zidlakela ukuba bamphanyeke  bamlahle ngecala kulowomuthi wehlazo .

Angazi kunjani kuwe ,kodwa mina ukubona lokho kungihlaba inhliziyo kungikhathaze amadolo. Kunginika umqondo omusha ceke ngokuthanda izitha zethu . 

Akukho lula neze ukuzithanda izitha zethu kodwa uma siqala leyondlela uJesu asibizele kuyo ,kuletha impilo entsha neshaya umoya emphefumlweni .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..