... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhala Udinga Usizo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 116:1,2 Ngiyamthanda uJehova ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.Ngokuba ubekile indlebe kimi ,ngiyakukhuleka kuYe zonke izinsuku zami.

Kunezikhathi ezimpilweni zethu lakhona sidinga uNkulunkulu angenelele alethe usizo .Nginesiqiniseko sewuke wakhala kuNkulunkulu njengokuba nami sengake ngakhala.Kodwa manje wenze njani uma engakhombisi ukuthi uyaphendula ? 

Nanxa impilo inokwenzeka igcwale okuningi okuhle ,kodwa kwesinye isikhathi iba nesihluku kithi ,akubi kanjalo? Umama ogone ingane yakhe ifela ezandleni zakhe .Umuntu omusha onqamuke ingalo ngenxa yokushayiswa ngumshayeli owayedakiwe .Umuntu thizeni ophelelwe ngumsebenzi  qede avese athathe impilo yakhe ngenxa yokuzibona ephelelwe ngumhlaba .Kumbe njengokuncimishi neminjunju ehlaba enhlizyweni kazakwethu ,lakhona udadewabo wayeyiciko lomhlaba ekushayweni ko-piano kodwa kuthe eseminyakeni eko 20 nento wehlelwa yisifo esaphazamiza ingqondo yakhe qede wangena empilweni eyisihluku ,esathi nje uyaqala empilweni . 

Uma sibhekwe ngqo ezinhlozini zamehlo  yilezozihluku nobuhlungu bempilo ,siyakhala kuNkulunkulu ,izikhathi zilandelana .

Kwesinye isikhathi uyaphendula ,kwezinye kuvese kungazwakali ukuthi kwakhona uzwile. 

Amahubo 116:1,2 Ngiyamthanda uJehova ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.Ngokuba ubekile indlebe kimi ,ngiyakukhuleka kuYe zonke izinsuku zami.

Lokhu kungabukeka kungelona iqiniso futhi kungazwakala kulimaza kakhulu enhliziyweni ukufunda amazwi anjena eBhayibhelini ,ezikhathini lakhona uNkulunkulu umbona engakuphendulanga .Manje wenzenjani ngalokho na?  Ubhekana kanjani nakho? 

Kimi,njengasesimweni salozakwethu ,ngesikhathi umawakhe naye bekhala eNkosini becela ibasindisele lentombazana yakwabo ibuyele engqondweni ephile kahle ,ekugcineni impendulo  yaba yilokhu .Ukuqhubeka simethemba uNkulunkulu noma kunjani .Ukulikholwa iZwi laKhe noma kunjani . 

Njengokokubhala  okwake kwabhalwa yisisboshwa esinguMJuda kwinkambi yase Cologne la ayetokelwe ukushiswa khona AmaJuda ,sathi : 

Ngiyakholwa ebukhoneni belanga ngisho noma lingakhanyi .
Ngiyakholwa othandweni ngisho nala khona lungavezwa .
Futhi ngiyakholwa nguNkulunkulu ngisho ethule.

UNkulunkulu ulalele.UNkulunkul ukhona la.Methembe.Nomethule kodwa impendulo ikhona ….

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..