... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukhonza Bani?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.

Listen to the radio broadcast of

Ukhonza Bani?


Download audio file

Uma izinto zingahambi kahle ,lakhona sibhekene nokuvivinywa ,lakhona kunodweshu –mhlampe ake sithi ngomphathi wakho wasemsebenzini  onenhliziyo ebukhuni  -kuyamangalisa indlela ukubuka kwethu okuvese kube kuncane ngakhona .Uthole ukuthi besicula lawomaculo anamandla enkonzweni ,kodwa namhlanje aphenduke umlotha.

Udweshu noma ngabe lusekhaya,emsebenzini ,ngomakhelwane noma ngabe ubani ,kodwa lona nje luba nendlela olwenza sibuke izinto ngeso elisabalele.Kuvese kuvuke nokuzazi kithi .

Angimelwe ukuphathwa ngalendlela .Kumelwe ngiphathwe okwe-glass yamanzi mina babo !

Ikakhulukazi emsebenzini lokhu kuliqiniso elivamile ,esigabeni  lakhona kuwuhlobo lomsebenzi olubukeka lungekho ngqo ekuphakamiseni ukholo lwethu kuloJesu esimvumayo .Kahle hle abantu abaningi banokholo lwabo kwelinye ibhokisi ebese kwelinye banempilo yasemsebenzini wena ongafunga ukuthi yizinto lezi ezingahlangani sanhlobo.Kodwa akunjalo.

KwabaseKolose 3:23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.

Ngamanye amazwi ,noma ngabe yini oyenzayo ,yenze ngokwezinga eliphezulu .Yenze ngokokuba excellent.Yenze ngendlela eletha udumo egameni likaJesu  ngoba phela into engaphansi kwalokho kuyobe kungukuba ngumzenzisi .

Ukusho ukuthi uyakholwa yiNkosi yamakhosi nguMbusi wababusi  ,ebese ngakwelinye icala ube wenza umsebenzi ngobudlabha nobuvila ,okwedlulele uphinde ungathembeki ,ngukuba ngumzenzisi kanye lokho ,umhlaba phela uyamzonda umzenzisi.

Okubi kakhulu ngukuthi ,ukuzenzisa kwethu kuhlazisa igama likaJesu .Ngakube yilokho kanye yini esifuna ukuphetha sesikwenza?

Ngakho sihlobo sami noma yini isandla sakho esiyithintayo ,yenza ngokwezinga eliphezulu ngamandla akho onke.Konke okwenzayo ukwenzela iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi .

Mnike iqholo ngokuthi usebenze nge- excellence. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..