... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lalelani Abaniphethe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Listen to the radio broadcast of

Lalelani Abaniphethe


Download audio file

Esinye sezimo  esidida ikhanda futhi esibuhlungu ngaphezu kwezimo esingabhekana nazo ,wukubhekana nomphathi  owuhlanguhlangu ongezwa mshini.Kumbe noma kungawumuntu osegunyeni phezu kwethu kungaba wumholi womphakathi,umzali ,umqashi noma kungawubani omunye ,esingavumelani naye ezihlokweni.Ubhekana  kanjani nesimo esinjalo?

Masizokhuluma ngeqiniso ,akuvamisile sibhekane nalesosimo sisiphathe ngendlela enhle.Asikuthandi ,hle hle siyakuzonda uma abantu abasemagunyeni benza izinqumo esingazithandi .Mhlawumbe kwakuyisinqumo esihle ,mhlawumbe sasisibi.Akukhathalekile sasinjani .Uma singavumelani ,sivamisa ukuyela ekungaziphathini ngendlela kulesosimo.

Imvamisa indlela esibhekana naso lesisimo ,ukuvese sizithelele igazi  phansi ,sihambe ngonyawo lonwabu.

 Ngizomfundisa abantu lomqashi ! Ngizovese ngizenzele kancane lomsebenzi wakhe,ngingafaki mfutho.

 Okuthi ngokwenze njalo kuvese kunyelele ubuvila bungena singanakile ,kunye nomoya wokunganaki.Yileyo ndlela okugcina emsebenzini sekuyisemanzini amile nje angacaci aya enhla noma aya enzansi.

Kodwa ,umbuzo usekutheni ngakube lokho kufanele  kumuntu ozibiza ngokuthi unguMKhrestu,aziphathe kanjalo?

KwabaseKolose 3:22  Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

‘Kukho konke futhi zikhathi zonke …ngisho nala khona benganiboni’ .. ‘ngisho nala khona benganiphathi kahle’ .Ayikho indawo yokucasha kulenkulumo.Asikho isigatshana esithi umelwe kuphela ukulalela lakhona nivumelana.Kungani?

lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Yeka amandla obufakazi bothando lukaNkulunkulu uma abantu bebona wenza okuhle esikhathini esikuhlukumezayo,ngisho nala khona uphathwe kabi,ngisho nala khona ungazizwa unomdlandla wokukwenza . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..