... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sewake Waba Senkonzweni Lakhona …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 29:13 Yathi iNkosi : ‘ngenxa yokuba lababantu ,besondela bangidumise ngemilomo yabo ,nangzindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo ,nokungesaba kwabo kunumyalo wabantu abawufundisiweyo nje’

Listen to the radio broadcast of

Sewake Waba Senkonzweni Lakhona …


Download audio file

Izinkonzo ,kuthi uma uzibuka ngeso eliqhelile ,ziyinto egcina isasiko eligcinwayo.Isiko mkhuba eselenziwe iminyaka eminingi  kodwa elimile lingaguquki .

Sewake  waba senkonzweni lakhona abantu bayasukuma bahlabelele? Kuyinto okungathi ayijwayelekile kulezinsuku ,lento ibizwa ngokuthi yi – “praise and worship”.

Ngakho bayasukuma bese baqale bahlabelele .Emva kwesikhathi uma ungajwayele usuyaqala uyaqalaza.Uthole ukuthi nangu omunye lapha esihlalweni uyazizamulela ,omunye usecofa i-phone yakhe .Bese kuthi emva kwesikhathi kube nongenayo bese uyaqalaza ukuthi  engabe ngubani ke lo manje .Hawu yilomndeni othile ,awu ,ba-late futhi nanamhlanje kanti ngempela yini indaba ngalomndeni?

Lokhu amakholwa esimanje akubiza nge- ,“praise and worship”. Kodwa uthola ukuthi abantu abaningi ,hhayi bonke ,ubathola bebukeka be bhorekile.

Abanye kube sengathi bamuka nayo kanti cha yingoba yinto ingqondo eseyazi ukuthi izokwenziwa enkonweni isiyijwayele ukwenzeka [yi-motion].

Ekaze uNkulunkulu Yena ucabangani ? Uzizwa kanjani ? Ngiyazibuza ukuthi mina nawe uma singakwazi ukum –interviewer uNkulunkulu ngalesihloko ,ubezothini ngaloludaba? Uma kungukuthi lendaba ye praise and worship iyinto kaNkulunkulu ngempela ,awucabangi ukuthi ubezofuna abayenzayo banikele izinhliziyo zabo zonke kuyo?

Isaya 29:13 Yathi iNkosi  : ‘ngenxa yokuba lababantu ,besondela bangidumise ngemilomo yabo ,nangezindebe zabo,kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo ,nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje’

Kuzwakala kuhlaba ngqo lokhu .Kunini lakhona sizoyeka ukuhamba nge-motion ? Kunini lakhona sizoguqa ngezinhliziyo zethu ,ngezimpilo zethu bese sidumise uNkulunkulu oweza ukusisindisa ? Kumbe sizoqhubeka sibe kwi –motion nje yamadlingozi? Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge