... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakube Ulalele Kwakhona UNkulunkulu ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:5-8 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

Listen to the radio broadcast of

Ngakube Ulalele Kwakhona UNkulunkulu ?


Download audio file

Ngakube sewake wacelwa iziluleko ,qede bese uyazibuza ukuthi konje kwakhona ekuqaleni yini le eyenze lomuntu eze kuwe? Akabukeki azi.Futhi akafune kwakulalela .

Enye  yezingane zami yeza kimi  izocela izeluleko ,odabeni oluthile olwalunzima kuyo . Njengobaba lokho kukodwa kwangithokoza ukuthi ize kimi azozicela kimi izeluleko .Futhi okwesibili ngamcobelela inhlakanipho yokuphila .Yeka leyontokozo .

Okuyinto engiyisola kakhulu ukuthi  cishe kunjalo kuNkulunkulu ,uma simcela  inhlakanipho .

EkaJakobe  1:5-8 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona

uyakuphiwa.  Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo

unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

Ake sicabange kabanzi ngalokhu .Uyabona ngamehlo engqondo nkathi ingane yami iza kimi  ukuthi yayinalo ungabazane noma oluncane  lokuthi  kungenzeka ngingamniki izeluleko  ezingekho phambili? Lutho sanhlobo !  

Ngakho kungani ukuthi uma sicindezelekile siya kuNkulunkulu siyothandaza sikhuleke kuye sithi , “Nkosi ngisize ngalokhu .Yini le engingayiboni ingempela ?

Ngedlule kanjani kulendaba?” … siyamngabaza . Siye simangale ukuthi konje kwakhona ukhona yini ,singayiphathi nje eyokuthi ulalele yini kwakhona .

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo

unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.