... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Khumbula Lokhu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 9:6,7 Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

Listen to the radio broadcast of

Khumbula Lokhu


Download audio file

Wagcina nini ukupha  okuthile ugcwele uthando ,kodwa othola ukuthi kukwenza uzizwe udabukile ,njengokungathi walahla ?Akuyona indlela leyo okusebenza ngayo ,ngakube yiyo? Isipho sothando siletha intokozo ,kubo bobabili – ophayo nophiwayo ?

Uzakwethu uthi ngamhla kuzalwa umzukulu wabo wokuqala ,yena nonkosikazi wakhe baqala bamvulela i-bank account base belokhu bembekela amasentana amancane ,ngenxa yokuthi bekholelwa  ukuthi entweni encane kuzalwa izinto ezinkulu .

Njalo ngenyanga uma leyomali iba yitransfer esuka kwi account yakhe uzakwethu, iya kumzukulu wakhe ,kwakungena imessage kwi- banking app yakhe kwi cellphone . Futhi njalo uma le- message ingena yayimenza agxume ngentokozo  ngoba phela kuba njalo uma upha isipho ugcwele uthando .

Ngakho uma sithi siyamthanda uNkulunkulu ,bekungamele kube yinto efanayo ?

2 KwabaseKhorinte  9:6,7 Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

Kumele kube nentokozo ekunikeleni kwethu kuNkulunkulu ,kungaba sinikela ngezinto zethu ,isikhathi sethu kumbe iziphiwo esizinikwe nguYe .Futhi kunesinqumo senhliziyo esibandakanyeka lapha,ukuzikhethela ungaphoqiwe ukunikela ugcwele intokozo ngenxa yensindiso yethu ,ngenxa yenjabulo yokuhamba usuku nosuku noJesu .

Kungenzeka ucabange ukuthi awunakho okuningi ngokwanele ukunikela .Kodwa tshala uhlamvu oluncane futhi lusuku lumbe ,luyoba yisihlahla esikhulu kakhulu .

Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..