... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izikhathi Ezigcwalisiwe ze-Adrenaline

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 27:1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami ngizakuba noyalo ngobani na?

Listen to the radio broadcast of

Izikhathi Ezigcwalisiwe ze-Adrenaline


Download audio file

Ziningi izinto ezenzekayo ezimpilweni zethu esizithola zingasiniki uzinzo.Futhi,uthole ukuthi zikhathi thizeni kube khona izinto esizithola ezimpilweni zethu zishayisana uvalo ngokungachazeki.Manje kwenzekaleni mase kunjalo? 

Ngake ngacasulwa ngenye indoda  eyayingayinaki inja yayo  ,ilokhu yehla yenyuka emzini yethu .Manje ngendlela engangiveva ngayo ngehluleka wukuzibamba ngavese ngayibhozomela ngamazwi lendoda ,nakuba kulolohlobo lwesimo kwakungakhombisi ukuthi kuyisu elihle ukuyivuthela ngolaka .

Yah lendoda yavele nayo  yangazirobha yasho ukungiqhobozela njengebhubesi ,ngesihluku esinzima kabi.Ayizange ibeke isandla kimi kodwa yathi ukunkankanya ukungidlikizisa , qede yaphela emehlweni .Ngiyakutshela wena inhliziyo yami  yashaya ngamandla .

Awungitshele wena wenze njani kulezokhathi lakhona uzwa ushukela unyuka ngamandla ,noma mhlawumbe ngabe ufana name ,kunguwe owenze wanyuka ,kumbe yisimo esiziqhumbukele esingekho ekulawulweni nguwena ,wenze njani kulesosimo? Ukushaya kwenhliziyo mawala kwenza ufune ukulwa  kumbe ukuvese uphume uphele la kushisa khona . 

Nginenhlanhla, kimina, kulelothuba uMoya oNgcwele waziveza .Ngezwi elithi ‘Thula Wazi NginguThixo’ .Qede uvalo lwazola ,futhi nanti iqiniso…

Amahubo 27:1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami ngizakuba noyalo ngobani na? 

Mina nawe sihlobo sami asiyikuhlala konke sikubamba ngendlela efanele .Sizoba sezimweni zokusho nokwenza izinto esizozisola mase kwehle lowo shukela obunyukile .Lokho akuyona i-surprise kuNkulunkulu .Kodwa uyazibona izinhliziyo zethu .Uyakwazi nami uyangazi ,futhi ngikholwe ukuthi;useduze ukuba akuvikele ngisho kungathiwa ,kubiza ukuba uMoya Ongcwele athi kuwe vala umlomo wakho njengokuba washo kanjalo kimi . 

UJehova uyinqaba yokuphila kwami ngizakuba noyalo ngobani na 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..