Isidlo NoJesu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 9:10,11 Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”
Lomcabango wokuthi angifanelwe nguNkulunkulu ,ungumqondo owangibamba iminyaka ukuzinikela kuYe.Eminingi sihlobo sami! Yebo impela abukho ubuhle engangingaba nabo benele kuYe .Kodwa kukodwa engangingazange ngime ngakho ukuthi indaba ingoJesu phaqa.
Ngicabanga ukuthi mangase uJesu avakashe ngasedolobheni langakithi ,ngingakujabulela ukuzikhipha naye ngiyomupha isidlo sihlale naYe e-Restaurant kumbe eze kwami.Kuhlale kumnandi ukuba sesidlweni nomuntu omkhulu.Ake ucabange ngedolobha langakini la uhlala khona .Bonke abantu abasebenzela uJesu ,abafundisi nababhishobhi nabaholi bamabandla nabavangeli –yibona nebala obungababuka befanelwe ukuba sesidlweni noJesu njengomphathi wabo ngokomsebenzi.
Manje nanguJesu avese abambe ibhanoyi bese avese mayeqeda kwehla kulo angami ,angangeni nakwelilodwa iSonto kumbe ikhaya lomunye wabashumayeli abahle nabanoNkulunkulu.Lutho.
Kunalokho,uvese aye straight ehhotela .Uyabona ngamehlo engqondo leyo-bar ezihlale ziduma kuyo edolobheni langakini .Indawo ehlale inezinkinga ,nakhu phela abantu amehlo esemnyama sekuyakhuzwa sebeshayana ,kugwazwana kunjeyaya ,asisayiphathi ke le yokuthi kunezintokazi ezizodayisa ngento ebizayo kulabobhuti abalahlile la.Le wuhlobo lwendawo ongasoze walokotha ukulubeka olwakho unyawo kuyo ,lingawa licoshwe yizinkukhu .Uyasibona lesithombe manje?
Manje mhlawumbe Mlaleli wami sewuthi ‘ayingeke baba’ ,phela lesisithombe senziwa nguwe nje .Lutho sanhlobo.Ngoba yilapho kanye uJesu ayevamisa ukutholakala khona ,okuyingakho abaholi bezenkolo besikhathi sakhe babelokhu bemcasukela becikwa yilento yakhe.
NgokukaMathewu 9:10,11 Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”
Manje lo ngumbuzo omuhle kakhulu.Kungani?
Mhlawumbe uJesu wayengazele nje izihlakanipho zokomoya.Mhlawumbe Yena uhlabeka umxhwele kakhulu ngokusondela kubantu abaphansi ,abayizoni ,abanjengami nawe.
UJesu Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..