Unoxhaka Wengcebo
Add to FavouritesDutheronomi 8:17,18 uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’ 18Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza
Ngakube kukhanda umqondo ngokuphelele noma cha ukuthi uMKhrestu azibekelele imali eningi yokuthi masethatha umhlaphansi abe nakho kuchichime yena yedwa ,nkashana bebaningi abantu abadliwa yindlala emhlabeni ?
Kungumbuzo okuhlaba kubili lo ngoba abantu behlukahlakene ngokwezigaba zomnotho abalalele lengosi eFresh .
Ngikhumbula uthisha wami eBible College owayevamise ukuthi uma kungasebenzi ndlelanye kwabamhlophe nabansundu kwabacebile nabampofu kuchaza ukuthi akulona iVangeli lelo .Ngangimvumela ngokuphelele . Manje laba abacebile ,benzeni ngengcebo yabo ?
UJesu ngakolunye uhlangothi wasifundisa ukuthi singazibekekeleli ingcebo kulomhlaba la khona kugqwala kunenundu nala amasela ekwazi ukweba khona , kodwa kunalokho [ngemisebenzi yethu] sigcine ingcebo yethu ezulwini la khona ingenakunyamalala.
Ngakolunye uhlangothi kubukeka kuyinto enhle ukuba nokongile wakugcina kahle ,ikakhulukazi uma sikhuluma ngobudala .IBhayibheli likhuluma ngokusebenza kanzima kanjalo nokonga futhi .Kodwa noma ngabe ubekeke kusiphi isimo ngokwezimali :
Dutheronomi 8:17,18 uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’ Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza
Impakamo ihlale njalo ingunoxhaka okhona wengcebo .Nanoma yini onayo iqhamuka kuNkulunkulu . Manje enye yezindlela yokubalekela lonoxhaka ngukubeka ingcebo yakho ezulwini kungabi yilokho kuphela kodwa ube nokupha okungenhliziyo evumayo .
Ungalokothi uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.