... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Akayikuvumela Ukuba Ushelele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 1:13,14 Kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Akayikuvumela Ukuba Ushelele


Download audio file

Izolo sikhulume ngobuqiniso bokuthi kwesinye isikhathi singaqhela endleleni yethu yokholo futhi sigcine sesiphetha sesingasazi kwakhona noma sisasindisiwe .Namhlanje ngithanda ukukucobelela izindaba ezinhle . 

Ngihlale ngikuthanda ukukucobelela izindaba ezinhle ,ngakho asihlale amagqozo singene kuzo .Nazi : 

KwabaseFesu  1:13,14 Kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya

oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Izolo sibonile encwadini -1 KwabaseKhorinte 15:1,2 ukuthi kuyinto engenzeka ukuthi sikholwe ngeze ,ngokugudluka ezindabeni ezinhle  zikaJesu .Yiqiniso lelo ,nebala singagudluka kuzo.

Kodwa nakhu la uJesu esitshela ukuthi kusuka siqala ukukholwa nguYe ,sananyatheliswa uphawu lwesethembiso  sikaMoya oNgcwele  – usungacabanga loloketshezi olwabe lubomvu  ababeyaye baqale balumanzise qede balobe igama lomndeni kumbe lenkampani eliyisigxivizo .Yisona sithombe  esikulendaba . 

UMoya oNgcwele kuwe kusuka wakholwa ,ungukuzinikela kukaNkulunkulu kuwe ,isethembiso saKhe ,inkokhelo yaKhe  empilweni yakho ,ukukukhombisa ukuthi userious  ngawe.Ukukukhombisa ukuthi ungowaKhe .

Futhi nansi into ngoNkulunkulu uMoya oNgcwele .Uma siduka ,uyasibiza ,usibuyisela kuNkulunkulu ngothando  ngoba uNkulunkulu uthembekile ezethembisweni zaKhe ,ngalesivumelwano segazi likaKhrestu ,ngisho nala thina singathembekile . 

Ngesikhathi ukholwa ukuthi wabekwa  uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..