... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungomkhulu Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 11:11 Ngiqinisile ngithi kini kwabazelwe ngowesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhaphathisi ,kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .

Listen to the radio broadcast of

Ungomkhulu Kakhulu


Download audio file

Sewake wazizwa sengathi awuneli ndawo? Kube sengathi ungumtshing’ubethwa ngubani? Ebunganeni bami ngaphila nomuzwa wokungazizwa kahle ,eside isikhathi lesi.Sithanda ukuzizwa sintofontofo esikhumbeni sethu.Sithanda ukuzizwa sinjengenkomo ezaziyo ingeyasiphi isibaya.Kodwa kwesinye  isikhathi lokho kuzizwa unendawo kuba ngumuzwa osikhohlisayo.

Phakathi ezinhliziyweni zethu sithanda ukubuka abantu ngokwezigaba zomnotho nezikhundla abakuzo ,nokuthi babukeka kanjani ,bahlakaniphe kanjani  ,bahlalaphi,nokuthi basiphatha kanjani .Akumele sikwenze lokho ,siyazi futhi ,kodwa imvamisa siyangena ekukwenzeni .

Mangase kuthiwe mina nawe sasiphila ezinsukwini zikaJesu ,sasizombeka kuphi uJohane uMphabhadisi ohleni lwethu lwezihlalo?

Wabe engumuntu owayehlukile kakhulu.  Wayedla amaqhwagi,egqoka iskhumba sekamele  eshumayela umlilo uqobo esehlane .Lokho okwabe kwehlukile kakhulu ngokwenqubo yesikhathi .Kodwa sithola ukuthi wabe engumzala kaJesu futhi uJesu wayemnika iqholo eliphakeme kakhulu .Mhlawumbe kungamele simbeke phezulu ohlwini lwethu hhayi le emsileni.

Ngakho,nansi indlela uJesu abuka ngayo okwakwamhlaba  ngokokuhlukile kunabantu.Uthi ,

NgokukaMathewu 11:11 Ngiqinisile ngithi kini kwabazelwe ngowesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane  uMbhaphathisi ,kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .

Wow! Kuyisimangaliso sento lokho ukuba kushiwo yiNdodana kaNkulunkulu  ngomuntu wasehlane ongajwayelekile.Kodwa enkulumweni elandelayo ,okuyiyo kanye mina engithatha kakhulu ,usethi kuyo :

NgokukaMathewu 11:11 kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye .

Ngakho uma uba esikhathini lakhona uzizwa sengathi uyimfeketho nje ,awungeni ndawo ebalazweni,uzizwa unganikwe value,umkhuleko wami ngukuthi sengathi amazwi kaJesu aqhubeke enkeneza enhliziyweni yakho.

Ngoba emehlweni kaJesu ,thina esingebani sibakhulu ngisho ngaphezu kwabakhulu kakhulu .Yizona ndlela zikaJesu zokubuka izinto ke lezi

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge