... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungaphili Kwizolo Lakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 43:18,19 Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba zasendulo,bhekani ngiyakwenza okusha ,kuyakuqhamuka manje ,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane ,nemifula kwahlongasibi .

Noma kungathiwa lonyaka esiqhamuka kuwona ube ngomuhle kakhulu kuwena ,kumbe ube ngowejwayelekile nje  kungenjalo mhlampe ube ngobe nezehlo ezinzima kuwe kodwa iphuzu limile ukuthi usumuke namanzi njengamanje ngeke usaphinde ubuye .Yaah .lokho kunjalo nje . 

Ngazi abantu abaningi abathanda ukuhlala kwizolo labo.Noma ngabe “yizinsuku zakuqala ezabe zizinhle”  lakhona izinto zabe zingcono kakhulu ,kumbe ngokuzindla ucabange ukwehluleka okwenzeka ,ukulimala ,kumbe ukulahlekelwa okwenzeka  .   

Ake ngibuze kuwe kumi kanjani ? Odlule kukho . Usukulungele ukudlulisa okwenzeke kulonyaka odlulayo manje ,kumbe uhlela ukukunqwabela enhliziyweni nasekhanda lakho uhambe nakho ukugugushe uyongena nakho onyakeni omusha  ceke ? 

Ngizwe kahle alikho iphutha ekukhumbuleni izinto ezingezinhle ezenzeka ,yebo nebala ukuvumela amaphutha nokulahlekelwa kwethu  kusifundise ,kusithambise ,futhi sisengasho nokuthi kusiholele endleleni engcono kwikusasa emva kokubona esashaywa yikhona phambilini .Kodwa kunomngcele lapha abantu abaningi abahlulekayo ukuweqa nokuwuhlukanisa ,ukuthi bafune ukuhlala dekle banethezeke  kwizolo lezibazi zabo bengafuni ukuzelulela kokuphambili bakhohlwe yizolo labo .

Futhi yebo ngesikhathi lonyaka  omusha uza kithi ,nginomuzwa wokuthi uNkulunkulu unento entsha asihlelele yona .Okungenzeka ibe yintsha ngokwangempela ,mhlawumbe ingabi yintsha ngokwempela ,kodwa noma kunjalo into entsha kuwe . 

Manje lendaba yokuthi uNkulunkulu enze into entsha ,kusenokwenzeka ijabulise kakhulu kumbe yesabise .Mhlawumbe asiqhubeke kulokhu esikujwayele .Mhlawumbe sizizwa  kuphephile ukuhlala kwizolo lethu esesilijwayele ,kunokulikhulula lihambe lishone le ngoba kunzima ukuya kwikusasa esingalazi linjani .

Kumbe mhlawumbe uNkulunkulu unezinhlelo ezimangalisayo ngawe , uhlelo afuna ulubambe  ngqi ekujuleni kwenhliziyo yakho .

Isaya 43:18,19Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba zasendulo,bhekani  ngiyakwenza okusha ,kuyakuqhamuka manje ,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane ,nemifula kwahlongasibi .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..