... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umangaliso Loguquguquko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu ,okuhle nokuthandekayo nokupheleleyo .

Listen to the radio broadcast of

Umangaliso Loguquguquko


Download audio file

Nginesiqiniseko ukuthi njengathi sonke ,nawe unotho othanda ukuluguqula .

Ungathanda ukuba ngumuntu ongcono kwingxenye ethile ,kumbe kulesisimo esithile .Futhi njengabo bonke abanye ,uzamile kodwa kwangaphumeleleka  kumbe kwangaba yiloluguquko obulubhekile ngqo .

Izimvemvane zinambuzane ezihlaba umxhwele . Ziyizinhlobo ezingaphezu kuka  18,000 emhlabeni wonke  zonke ngokuhlukahlukana kwemibala yazo ,ukuma  nobukhulu .

Ezinye zazo ziluhlobo lwezimvemvene ezihamba amabanga amade  ezingasuka eNingizimu Afrika ziye eZimbabwe ,Mozambique ziphinde futhi zibuye ngonyaka ozayo ,zihambe ama mayela ayizinkulungwane  .Ezinye ziluhlobo oluphila nje  amasonto ambalwa .

Kodwa zonke zinotho olulodwa olufanayo .Zonke ziqala impilo ziyiziqubuqubu ,eziba soguquguqukweni oluyisimanga olwenzeka kulelogobolongo leziqubuqubu ezivaleleke kulona  .Lokhu kuwukwenzeka okumele  uguquko olukhulu empilweni olwenzeka ngalezilwanyana . Futhi loluhlobo loguquko yilolokanye uNkulunkulu analo olukubhekekile kuwe  .

KwabaseRoma  12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe  isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu ,okuhle nokuthandekayo nokupheleleyo .

UNkulunkulu akushoyo la ngukuthi uma sizama ukuziguqula thina ,akusebenzi akwenzeki.Sigcina sifana nawo  wonke omunye umuntu .Kodwa uma simvumela asiguqule ngaphakathi (umsuka wegama lesi- Greek elisebenze lapha yileli elithi – metamorphosis) ngakho siyogcina siphila impilo emangalisayo esihlelelwe yona .Shlobo sami mvumele uNkulunkulu akuguqule ngaphakathi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.