... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuya Phambili Nokuya Phezulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 7:10 Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuya Phambili Nokuya Phezulu


Download audio file

Esikhathini lakhona senza iphutha [phela kakade ngubani ongalenzi iphutha !?] siba nama choice amabili.Kungaba ngukuthi sikhalakathela kulo noma sifunda okuthile ngalo.Singalisebenzisa njengestebhisi  sokukwazi ukugibela uma sehlelwa yiphutha elifanayo kokuzayo  kumbe senze lokhu engikubiza ngokubheka phezulu ngalo .Yikuphi okuzoba yikho esikukhethayo la?

Sonke siyawazi umuzwa omnandi wokuvuka ugcwele ukuthi woow wusuku olusha namhlanje .Kuthi kusenjalo,sivese sikhumbule  lela phutha elingubadlabha esilenzile .Okungaba ngukuthi sehluleke kanjani ukuhambisana noNkulunkulu.Usizi oluba lapho lufana ncimishi nommese ongena enhliziyweni.

Umbuzo uthi ,wenzenjani ngalolohlobo lokudabuka?  Kunezindlela eziningi zokubhekana nalo. Kuphetha kubukeka ukuthi enye yazo inhle ,enye yimbi kakhulu .Enye yazo ingaba nomphumela omuhle empilweni yakho ,enye cha ngeke ube muhle.Ake ulalele indlela uNkulunkulu akubeka ngayo esebenzisa uMphostoli uPhawuli :

2 KwabaseKhorinte  7:10 Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.

Ake siqale sikhulume ngalokhu kudabuka okungekuhle kuqala,lokhu izwe elinakho,lokhu okuholela ekufeni.Imvamisa uma abantu ,bezifaka kukho  kubaholela  ekukhalakatheni  otweni ,kuletha  inkambiso engeyinhle ,umuzwa wokuzibuza ekaze uyinhlwa yini kanti kwamhlaba,kuletha ukuphonsa ithawula.

Kodwa uhlobo lokudabuka uNkulunkulu afuna sibe nakho ,yiloku okusiholela ekuguquleni izimpilo zethu.Kuwukuzisola ,okuholela ekuphendukeni  – ngokuyikho  futhi okuphathekayo ,ukuguqula izimpilo zethu ,zidede kwebesikwenza  okungakuhle ,qede sibuyele kuNkulunkulu.

Uhlobo lokudabuka uNkulunkulu alufunayo lwenza abantu banqume ukuguqula izimpilo zabo .Lokhu okubaholela ensindisweni ,futhi asisoze sazisola kulokho . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge