... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhambahamba echibini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 6:19,20 Khona sebegwedlile ,kungathi amastadiyu angamashumi angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu ,babona uJesu ehamba phezu kolwandle ,esondela emkhunjini bethuka.Kepha wathi kubo : ‘Yimina ningesabi’

Listen to the radio broadcast of

Ukuhambahamba echibini


Download audio file

Noma sithanda singathandi kodwa kuvese kube ngukuthi izivunguvungu zibhenguza empilweni yethu ezikhathini lakhona singazilindele sanhlobo,kwesinye isikhathi lakhona sintekenteke kakhulu .Khona kunjalo kodwa uJesu unalomkhuba wokuthi abe khona naYe ngenxa yethu ,khona impela phakathi nesivunguvungu .

Ake ukucabange lokhu ngamehlo engqondo .Usesikebheni esincane edamini .Bese kuvele kuvuke  isivunguvungu somhlaba ,bese isikebha sakho siqale sithantazeke le nale kanzima ,ngokokuthi sibonakale sizozika futhi emancane amathuba okuthi usinde la kulesivunguvungu solwandle oseludinwe  olungasadli nkobe zamuntu .Lapho usuqhaqhazele sekuphele nasozwaneni uyabona ukuthi  kungekudala uzogcagcela kwasebalala.

Kuthi konke lokhe kusenzeka ,memfu ,nangu umuntu usumbona ungazelele.Ayi ukuthi usosebeni ,kodwa uphakathi kulo lelidamu elikhulu !! Babe lomuntu uhamba phezu kwamanzi uqobo .Manje lokhu nakho ngokwakho kukwenza ivese ishaye mawala inhliziyo .

NgokukaJohane 6:19,20 Khona sebegwedlile ,kungathi amastadiyu angamashumi angamashumi amabili nanhlanu  noma amashumi amathathu ,babona uJesu ehamba phezu kolwandle ,esondela emkhunjini bethuka.Kepha wathi kubo : ‘Yimina ningesabi’

Kodwa manje lomuntu  avese angene esikebheni senu ,bese ngezwi elilodwa nje sithule nya isivunguvungu wena owabona inja  ifaka umsila ngaphansi .Kuvese kungakholakali ! 

Manje singaphikisana ngokokuthi ngakube lokhu kwake kwenzeka ngempela noma cha .Mina ngokwami ngikholwa ngokungananazi ukuthi uJesu wahamba phezu koLwandle futhi wasithulisa duuh isivunguvungu .

Umbuzo  manje uthi ,ngakube kusenzeka  nanamhlanje? Uma uphumile usechibini usesikebheni sakho esincane kulolulwandle  olubizwa ngokuthi yimpilo futhi bese izivunguvungu zivunguze ,ngakube uJesu uyaqhamuka qede athulise umoya  aqede uvalo lwakho ? Mhlawumbe ukukhuluma ngqo esimweni .

Sengibe sezehlweni ezihlasimulisa umzimba empilweni yami  kodwa lusuku lumbe waqhamuka wahamba emanzini wangena emkhunjini wami .Ayiphindange impilo yafana nakuqala kusukela angena .Kunokuthula .NguJesu lowo sihlobo sami.

Yebo kunamandla aseZwini lakhe ukuthulisa zonke izivunguvungu qede asiphe ukuthula . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge