... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubhekana Nokwesaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 6:31,32 Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

Listen to the radio broadcast of

Ukubhekana Nokwesaba


Download audio file

Ngicela ungivumele uma kungenzeka ,ukuthi ubuyisele umqondo wakho emumva lakhona okunosuku owagcina ngalo ukwesaba into ethile.Ngiqonde into eyayikwesabise ngendlela yokuthi wawuqhaqhazela.Ngakho nanku umbuzo : wabhekana kanjani nalokho ? Wenzani ngokwesaba kwakho ?

Sonke siyaba sezikhathini zokwesaba uma kunomuzwa wefu elimnyama elifuna ukusibekela impilo yethu.

Mina ngokwemvelo angiyena umuntu ogcwele ukwesaba.Kodwa kwake kwenzeka kimi eminyakeni edlule njengokuba kwenzeka kithi sonke.

Ngakho ,ungade unguzanguzana nakho uwedwa okwesikhashana kodwa lokho akulethi lusizo .Kumbe mhlawumbe ufune usizo okungasiza,nokho imvamisa futhi omunye umuntu angaluqondi udaba lwakho.

 Bese usale nombuzo othi : ‘pho ngenze njani ngokwesaba kwami’? Ngakube ngiveze ubuso obuqunge isibindi kodwa kube kungidla ngaphakathi?

Angifuni ukuzwakala ngiyigwalana elintekenteke ngoba ngokwemvelo angiyena umuntu onjalo…kodwa kulezinsuku ngiye ngithathe ukwesaba kwami ngikuyise kuJesu .Kulula kanjalo nje.Futhi akuyona intwanyana engumkhuba wenkolo enomlingwana.Kunalokho yigxathi lokholo leli ,lokuthatha amagama kaJesu uwakholwe enjongaba enjalo:

NgokukaMathewu 6:31,32 Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

Uma zonke izinto zigcwele zinyinyithekela phezu kwakho ,umgwaqo ophambi kwakho ubukeka uyingozi ,lakhona usebucayini be-risk,yilapho kanye ukholo lwakho olusuke lusekuhlolweni.

Umbuzo uthi ,ngakube ungakuyisa ukwesaba kwakho kuJesu? Kubukeka kugcina kuwukuthi akusiso isinyathelo esikhulu sokholo ngokwendlela obucabanga ngayo….

Ngoba.. ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge