... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubhekana Nokuphoxeka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 23:34 Kepha UJesu wathi “Baba bathethelele ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe benzelana inkatho.

Listen to the radio broadcast of

Ukubhekana Nokuphoxeka


Download audio file

Ngakho,yisiphi isikhathi sokugcina owawuphoxwe ngumuntu kumbe into thizeni? Kwakuzwakala kunjani? Kwagcina kanjani? Ungathi kukuliphi izinga lakhona umuzwa wakho wokuphoxeka wenza izinto zangcono,kumbe zedlulele nebala ?

Izinto azihlali zihamba ngendlela yethu.Kahle hle zivamisa ukubukeka zisiguqukela izikhathi nezikhathi.Uthole ukuthi ubudlelwane abuhambi kahle, ngokuphazima kweso sewulahlekelwa wumsebenzi,kumbe uvese uhlaselwe wukugula ungazelele.Kuvese kube enye into emva kwenye.Futhi ukuphoxeka nokushona phansi kwenhliziyo kuvese kube sengathi ugwazwe ngomkhonto esifubeni.

Kodwa kuthi uma ucabanga ngakho,ukuphoxeka akuyona into eyenzeka kude le ngaphandle laphayana.Kodwa yindlela imizwa yenhliziyo yethu ephendula ngayo ,futhi okuthi masiphendula ngokuphoxeka   ezindukwini ezisishayo,lowomuzwa kanye yiwo owenza izinto zidlebelende ,zidlulele.

Yazi ngiphatheke kabi ngaphoxeka ngokuthi awuzange usangifonela . Ngiphoxekile ngoba izinto azenzeki ngendlela okumele zenzeke ngayo.Sengizovese ngihambe ngiphicize ngoba akwenzakalanga ngendlela ebengifise ngayo.

Ukuphoxeka kuwumuzwa wokuphendula kwesisulu hhayi uMnqobi.Ukuphoxeka kusiholela ekuphenduleni  okungekho right.Ukuphoxeka ekugcineni kosuku nakho kuwukuzikhethela kwethu-kuyinto esingakhetha ukuminza kuyo kumbe sihlambe siyihlikize qede siphumele ngaphesheya.Elokuthi uphoxeke noma qha ,lelo ke lisekuzikhetheleni kwami nawe .

Mhlawumbe lamagama azwakala engenasihe.Kodwa kuthi uma ufunda izindaba ezingoJesu ,wayengaphoxeki wukuthi abantu abamamukeli,abamuzwa,bayamshiya,ngisho nalakhona bembethela.Akavumanga ukwehluleka kwabo kumoshakalise usuku lwakhe kumbe kumenze athelwe yizibonkolo.Kahle hle kulesosiphambano .

NgokukaLukha 23:34 Kepha UJesu wathi “Baba bathethelele ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe benzelana inkatho.

Esikhathini lakhona izinto ziphikisana nawe,yebo njengoJesu ,ungavese ukhethe ukuzidedisa emandleni empilo yakho okulethwa wukuphoxeka.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge