... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubaba Kwempumelelo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

Listen to the radio broadcast of

Ukubaba Kwempumelelo


Download audio file

Esikhathini osuke uzindla ngaso kungekho muntu eduze kwakho ,ngesikhathi wakha isithombe ngekusasa ,yisiphi isithombe osidwebayo emqondweni wakho ? Yiziphi izinto ozilangazelelayo?  Ngakube ikusasa lakho elihle ,ligcina libukeka linjani ngesikhathi ulicabanga ngokwakho?

Impumelelo .Ngokucacile impilo ingalokho nje .Umuntu athi eyy mangase nje  ngishade  umkhwenyana noma umakoti  o-perfect .Mangase nje ngithole umsebenzi  ongikhokhela kahle futhi ungibeke ebaleni elihle ngokwezinga le career yami. Mangase nje ngikwazi ukuthenga leyamoto kumbe isikebha esibizayo ke ngizintantele emanzini ,kumbe leyangubo engikade ngangiyifuna engiyithandayo .Mangase ngifinyelele ekutheni abantu babuke mina ,qede bazifise ukuthi sengathi banjengami ..nokuthi senga banezinto enginazo…uma kunjalo ngiyojabula.

Nanso la ikhona.Lokho kulambela i-taste e-sweet kakhulu yempumelelo.  Futhi yiyona ndlela abantu abaningi abacabanga ngayo .Yindlela le esenziwe sa-programmed ukucabanga ngayo.

Futhi ngokubuka kwethu ,kumele uNkulunkulu abe yisicathalala sethu esenza yonke intando yethu ,sifeze amaphupho ethu noma ngayiphi indlela.

Ngeshwa ,abaningi baphila impilo yabo yonke behubha lolohlobo olunjalo lwempumelelo.Banikela  konke ngenxa yemfundiso engelona iqiniso eliphelele  yempumelelo  ,ebunjwe   osomaqhingasu abathile abadla ebomvu imali ngalokho .Kodwa …

1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

Yilona qiniso leli elimile mayelana nomqondo ongalona iqiniso eliphelele wempumelelo ngokwasemhlabeni.Lakhona obulinde uju olumnandi ,uthola inhlaba ebaba ha.Yebo nebala ungaluthola loluhlobo lomshado obulufuna ,iholo,i-career ,noma yini enye …kodwa khona lapho uthola  zonke izinkinga lezi ezihambisana nakho,ubungalokothanga wazicabanga ,ngisho emaphusheni .

Impumelelo .Ayisikho lokhu abakuchazayo . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge