... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukoma,Ukoma ,Ukuhlala Womile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 7:37,38 Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanziaphilayo.

Listen to the radio broadcast of

Ukoma,Ukoma ,Ukuhlala Womile


Download audio file

Into ekhona ekubeni  ebutheni wukuthi : kuye kubukeke sengathi yonke imfula yakho yomile yonke sikhathi sinye.Akukuhle lokho ,kulesosikhathi sokoma nkwe ,endaweni ewuqwathule,into esisuke siyilangazelela lapho ,yisiphuzo esibanda  kamnandi.

Uzakwethu eminyakeni eminingi eyadlula esaqeqeshelwa ukuba ngumkhuzi wamasosha ,babevamisa ukuphuma isikhathi esingamasonto  beyozilolonga,belwa nesitha abasibona ngamehlo engqondo  ukuze bafunde ubuchule bezempi.

Kwake kwanesikhathi lakhona umbutho waba kulokhu okubizwa ngokukalelwa amanzi .Amabhodlela amabili amanzi endodeni nganyinye ngosuku olulodwa .Lawomanzi isosha ngalinye lizowasebenzisa ekushefeni,ukuwasha,ukuxubha,ukupheka nokuphuza .

Kulelohlobo elalibalele likhipha umkhovu etsheni ,kuwowonke lomshikashika wemisebenzi esindayo eyayibhekene nokulwa izimpi .Angikuxoxele ukuthi lawomanzi ayengalokothi anele .

Ezikhathini eziningi babeqeda ukulwa entabeni edonsayo [bethwele o-bakha babo abasindayo  nakanjani] kumbe kade kumbiwa umgodi omkhulu ukuze balwe bekwi- defense position kuwo ,konke lapho umuntu asuke esekunxanele wukuthi mbu mbu mbu emphinjeni ibhodlela lamanzi eligcwele aqede nya ukoma.

Nebala wawungeke ulokothe ukwenze lokho.Kulesosikhathi uthi uzakwethu wayeke avale amehlo  akhe isithombe somqondo ukuthi kungamnandi kanjani ukuyobhukuda  emfuleni ophole kamnandi.

Uyabona mawusuke ukulelozinga lokoma ,into eyodwa oyifunayo amanzi ekuchichimeni kwawo hhayi isichibi.Ufuna ukuphuza udele .Lokhu kuliqiniso ncimishi nasezimpini zokuphila ,lakhona sewome nkwe kuphele nasolwangeni.

NgokukaJohane 7:37,38  Uma ekhona owomileyo, akeze kimi,aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanziaphilayo.

Ukuzwile lokhu uJesu akushilo? Imifula ,ukuchichima koqobo kwamanzi okuphila .Ngakho kokuzayo lakhona sewome nkwe ,khumbula lokhu: uJesu akekho emsebenzini wokukukalela isabelo samanzi.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge