... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubani Onezibusiso ZikaNkulunkulu?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 11:27,28 Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

Listen to the radio broadcast of

Ubani Onezibusiso ZikaNkulunkulu?


Download audio file

Hah izibusiso zikaNkulunkulu .Yebo yinto leyo sonke esiyifunayo  futhi  yinto okuthi uma sikholwa nguJesu ,sonke sinayo.Sinayo ngempela? Ake ngikunike nakhu ukukhetha osukevele kuqophekile , ngakube ngokukaJesu unazo lezibusiso ngokukaNkulunkulu noma cha ? 

Unazo? Manje ,qaphela ,ngoba angikubuzi ukuthi yebo noma cha ucabanga ukuthi ubusisekile .Angikubuzi futhi ukuthi ngakube uzizwa ubusisekile .Angikutsheli ukuthi thatha isikali  sakho bese uyazikala wena ngokwendlela yakho  qede ubuke ngokwemizwa yenhliziyo nezimo zakho  ebese ungitshela ubusisesikile .Angikucacise ukuthi akukhona lokho engikubuza khona mina .

Mina engikubuza khona ,ngukuthi ngokukaJesu – uJesu lo waseBhayibhelini – ngokwakushoyo Yena ,ubusisekile ngokukaNkulunkulu noma cha.

Ngiyazi okucabangayo  njengamanje usaphika ngekhanda .Kanti lomuntu nsumansumaneni le azongizekela yona ? Nansi : 

NgokukaLukha  11:27,28 Kwathi esakhuluma lokhu,

owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.”  Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

Nebala akukho ukungabaza ukuthi ,uMariya unina kaJesu wayebusisekile .Kodwa nokho uJesu umqondisi wezinkulumo qede zime zithi thwi zidide amagagu  ,wethusa wonke umuntu esifundisweni sakhe  ngesikhathi ephakamisa umuntu nje owejwayelekile ,qede ambeke ezingeni eliphakeme kakhulu lesibusiso .

Kepha  … lihlaba umxhwele lelogama  … Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”!

Ngakho ,mangiphinde ngikubuze umbuzo  ophusile  : NgokokukaJesu ,ngowakushoyo ,ubusisiwe  ngokukaNkulunkulu ?

Ukulalela kuyinto enkulu kuNkulunkulu .Enkulu kakhulu! 

Ngoba yilo  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..