... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Thola UNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Listen to the radio broadcast of

Thola UNkulunkulu


Download audio file

Umqondo wokuthi uNkulunkulu angasithelela ngicabanga ukuthi ngumqondo lowo iningi lethu elingawuvuma  kalula.Kodwa lo wokuthi angasithethelela ngokufa nokuvuka kweNdodana yaKhe kuphela ,uyabona ke lowo ,akulula ukuvuma nokuwubamba kalula.

Uma uzobuka kumlando woluntu iminyaka ngeminyaka eyadlula ,uzothola ukuthi  zonke izinkolelo kumbe inkolo efaka isithixo noma izithixo /onkulunkulu bokuzenzela ,uzoyithola ifaka thina luntu ukuzikhandla sizikhandlela ekuthandweni yilabonkulunkulu.

Labonkulunkulu bangonkulunkulu abangaguquki kulokho ngakho thina ngoba singabantu sizithole siphoqeleka ukubenza bathokoze ngoba uma singakwenzi lokho bazosibhozomela ngolaka basijezise.Lenqubo kuyo yonke leminyaka konkulunkulu babantu ihlale injena nje ingashintshile.

Kodwa busuku bumbe kwelaseBhetlehema lenqubo yanqanyulwa ,isondo laguquka.UNkulunkulu oyedwa oLiQiniso waletha iNdodana yaKhe kulomhlaba wayijezisa ukuba ikhokhele izono zethu .

Futhi kwasekuthi emva kwalokho waphenduka wathi , “Uma ukholwa ukuthi ngiyijezisile iNdodana yami ngenxa yakho nokuthi ngenxa yalokho sengingakuthethelela-uma ukholwa yilokho nebala usuthethelelwe .Usunokuphila okuphakade.”

Lokho sikubiza ngokuthi umusa ,nakuba lelogama lilula ukulisho ,kodwa kunzima kakhulu ukugoqela izinhliziyo zethu kulo ngoba livese lingabonakali li-fair (yingoba nebala umusa awunjalo).Umphostoli Phawuli uwubeka ngalendlela :

KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Manje umqondo wesipho,wona singawuqonda .Ukuphila okungunaphakade kuyisipho samahhala esivela kuNkulunkulu esiphiwa  labo kuphela abakholwa nguJesu.Siyinto ongeke wayikhokhela uyizabalazele.

Futhi  akukhathalekile ziningi kangakanani izinkolo ,izinkolelo noma onkulunkulu esingabazama,iyodwa kuphela qhwaba indawo yokumukela umusa kaNkulunkulu .UJesu.

 Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge