Sonke Sinalesidingo Esifanayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseRoma 11:5,6 Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa ;kepha uma kuya ngomusa akusayi ngemisebenzi ;uma kungenjalo umusa awuseyiwo umusa .
Sonke siyazithola sithanda ukuphatheka kahle ngabanye abantu ;sifise izibele zabo ukuba zisifake emnyangweni nasezintweni thina esehlulekayo ukungena kuzo .Siyakulangazelela lokho .
Kunini lakhona wawunesidingo sokunakekeleka okunjalo ngomunye umuntu empilweni yakho ? Uyazikhumbula ukuthi esimweni esasikuxakile ukuso ngalesosikhathi ukuthi wazizwa ungodinga ukusizwa kanjani ,futhi uphelelwa yithemba ?
Qede kwase kuqahmuke umuntu thizeni weza namazwi anobubele kuwe ,kumbe wenza okuthile ,eletha into eyaguqula usuku lwakho .Imvula yokubonga okugeleza enhliziyweni kuwe ngalesosikhathi akekho omunye ongayiqonda ,futhi ngeke wakhohlwa okwenziwa kuwe la khona wawusidinga ngempela lesosandla .
Lokhu lomuntu akwenza kumbe abakwenza kuwe ungakulindele kubizwa ngokuthi ngumusa .Futhi phezu kwazo zonke izinto ezenzeka empilweni yethu izikhathi nezikhathi ,sonke sinento eyodwa efanayo esiyidingayo ngukuthola umusa .
Ngoba ngakho konke lokhu esikwenzile empilweni ngeke sakwazi noma sesithanda ukuzicabela ngokwethu indlela eya kuNkulunkulu .Sonke sisilalelwe ngumusa wakhe .Sonke simelwe ngukuhlawula ngesikwenzile .Futhi nokho …
KwabaseRoma 11:5,6 Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa ;kepha uma kuya ngomusa akusayi ngemisebenzi ;uma kungenjalo umusa awuseyiwo umusa .
Kholwa kuJesu uzosindiswa futhi usindiswa ngento eyodwa phaqa ngumusa kaNkulunkulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.